EzintshaUmabonakude

Izingane Zes’thembu: UMpumelelelo no-Amahle sebenengane

Isizini yesine ye-reality show Izingane Zes’thembu iqale ngamandla. Iveze ngokushesha udaba obelulokhu ludala umsindo ezinkundleni zokuxhumana.

U-Amahle “MaBiyela” Biyela usekuqinisekisile ukuthi yena noMpumelelo Mseleku sebenengane.

Lokhu kuqede amahemuhemu abelokhu esabalele izinyanga eziningi.

Ngo-2025, u-Amahle wake wangena bukhoma kuTikTok ezama ukuphikisa imibiko yokuthi ukhulelwe. 

Waze wakhombisa isisu sakhe kubalandeli. Nokho, ukungabaza akuzange kuphele.

Ngasekuqaleni kwalo nyaka, uMpumelelo wabonakala e-Addington Hospital ewadini yabazoteta. 

Izithombe zakhe zasabalala, kwanda nezinsolo zokuthi ingane isizelwe.

Esiqeshini sokuqala sesizini, u-Amahle ukhulume ngokusobala ngalolu daba.

“Ngakhulelwa ngonyaka odlule, kodwa mina noMpumelelo sasingezwani. 

“Ngangimzonda kakhulu, kodwa yena waqhubeka engibekezelela kwaze kwazalwa ingane,” kusho u-Amahle.

UMpumelelo naye, esigabeni sakhe, ukuqinisekisile ukuthi bazale umfana.

Lokhu kusho ukuthi le ngane ingeyesine kaMpumelelo.

Unezingane ezimbili nowayengumlingani wakhe, uVuyokazi Nciweni. Uphinde abe nenye nengoduso yakhe, uTirelo Kale.

Kulesi siqephu, uTirelo ubuze imibuzo enzima ngobudlelwano babo, ukuzibophezela nokuthi umshado uyisinqumo esifanele yini kubo.

UMpumelelo uveze kulo uhlelo Izingane Zes’thembu ukuthi isizathu sakhe sokufuna ukumshada ukwakha kabusha umndeni wakhe.

“Isizathu sami sokushada ukwakha kabusha umndeni wami,” kusho uMpumelelo. 

“Okwesibili, mina noTirelo sesinesikhathi eside sindawonye. 

“Angifuni acabange ukuthi ngishada naye ngoba nje sinengane, uSingabakho. 

“Kungcono ngime ngamazwi ami futhi ngikhombise ukuthi ngimthanda ngempela.”

UTirelo yena uveze ukuthi akakaqiniseki ngalo mbono.

“Ngingaba nokungaqiniseki futhi ngibe nemibuzo eminingi. 

“Ngingazibuza ukuthi, ‘Ngizoyaphi?’ Ngeke ngizizwe ngiphephile noma nginokuzinza. 

“Angiqiniseki ukuthi ukushada naye kuyisinqumo esifanele yini,” kusho uTirelo.

Izingane Zes’thembu idlala ngoLwesithathu nangoLwesine ngo-8 ebusuku kuMzansi Magic.