
U-Ouaddou udalula ngesimo sika-Appollis
Umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou, usechaze ukuthi kungani u-Oswin Appollis engakafiki ezingeni lokuqina elifunwa yithimba labaqeqeshi.
U-Appollis, oneminyaka engu-24, usedlale yonke imidlalo emihlanu yePirates kule sizini kuyo yonke imiqhudelwano. Usashaye igoli elilodwa kweyeligi.
Emdlalweni womlenze wokuqala weyandulela owamanqani kwiMTN8 neSekhukhune United ePolokwane, ukhishwe ngomzuzu ka-65.
Lokhu kuhlukile kunesizini yakhe yokuqala kwiPirates, lapho abengomunye wabadlali abebegqame kakhulu.
U-Ouaddou uthi u-Appollis usabalulekile kakhulu eqenjini futhi kufanele avikelwe.
“Uqinisile uma uthi ungomunye wabadlali bethu abahamba phambili,” kusho lo mqeqeshi.
“Uma unedayimane endlini yakho, kufanele ulivikele.”
U-Ouaddou uthi u-Appollis akakafiki ezingeni eliphelele lokuqina.
“U-Appollis ngu-Appollis, niyamazi. Ungumuntu osezingeni elingama-50%, ngingasho ngisho ukuthi useku-40% njengamanje.
“Kodwa angakwazi ukushaya igoli noma yinini. Ngakho-ke asimangali,” kuqhuba yena.
“Akuyena kuphela umdlali ongakafiki ezingeni lokuqina esilifunayo.
“Nase-Europe bonke abadlali abebekwiNdebe yoMhlaba siyabona ukuthi kunzima kubo.”
Uthe ithimba lezempilo, elokusebenza kwabadlali nelabaqeqeshi asebenza kanzima ukumbuyisela esimweni esifanele.
“Nethimba lethu lezokusebenza kwabadlali, elezempilo nethimba labaqeqeshi, senza konke okusemandleni ukumbuyisela esimweni esihle.
“Namuhla emdlalweni ubethuthuka. Kodwa namuhla kube yisikhathi sokumvikela, mhlawumbe aphumule futhi singambeki engcupheni yokulimala.”
Lo mqeqeshi uthi ubazi kusukela ekuqaleni ukuthi abadlali baamaqembu esizwe bazobhekana nokukhathala.
“Bengilokhu ngisho lokhu kusukela ekuqaleni. Bengazi ukuthi bonke laba badlali bazokhathala,” kuchaza u-Ouaddou.
Uthi ukukhipha umdlali kungase kungamjabulisi, kodwa umsebenzi wakhe ukuvikela abadlali.
“Ukuze ngibavikele, kufanele ngilindele noma yikuphi ukulimala okungase kwenzeke emdlalweni.
“Umsebenzi wami ukwenza lokho. Kwesinye isikhathi abadlali abakuzwisisi futhi abajabuli uma bekhishwa.
“Kodwa kuwumsebenzi wami ukubavikela ngoba sesibonile kwamanye amaqembu, engingafuni ukuwabala, ukuthi kube nokulimala okukhulu.”
U-Ouaddou uthi iPirates ifuna ukugwema ukulahlekelwa ngabanye abadlali ngenxa yokulimala.
“KwiPirates sifuna ukukugwema lokho kubadlali bethu bamazwe,” kwengeza yena.
- OLUNYE UDABA: Kunxenwa abesifazane ukunakekela impilo
“Sesinabadlali ababili asebehlinziwe, uMbatha noMakgopa naye ulimele.
“Ngakho-ke asifuni ukuba nabanye abadlali abalimele ngoba isizini iseyinde kakhulu.”
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
