
I-Mapungubwe National Park: Lapho ubukhosi buhlangana nemvelo
I-Mapungubwe National Park and World Heritage Site eseLimpopo iyindawo efanele abantu abafuna ukuthula, ukubona izinyoni nezilwane, nokuqonda umlando ojulile wase-Afrika.
Le paki iseduze naseMusina, futhi idume ngobuhle bendawo obuhlanganisa amahlathi asemfuleni, namadwala aphakeme.
Enhliziyweni yale ndawo kukhona iMapungubwe Hill, lapho kwavela khona umbuso wokuqala owaziwayo eNingizimu ye-Afrika phakathi kuka-1200 no-1290 AD.
Lona kwakuwumphakathi onamandla owachuma ngokuhweba namasiko aseMpumalanga afana neChina ne-India.
Kule ndawo abavubukuli bathola i-golden rhino edumile nobunye ubufakazi bokuthi kwakukhona umbuso ocebile nowahleleka kahle emakhulwini eminyaka adlule.
Ngaphandle komlando, i-Mapungubwe National Park inezilwane ezikhangayo njengezindlovu nezingwe, kanti inqwaba yezinyoni yenza kube yipharadesi labathandi bezinyoni.
Ipaki inezinhlobo ezingu-25 zezilwane ezincelisayo nezinhlobo ezingu-447 zezinyoni.
Ukuhlangana kwemifula iLimpopo neShashe kunikeza izivakashi izindawo zokubuka ezihlukile nezinhle kakhulu.
Izivakashi zingakhetha imisebenzi efana neBirding, Bush Braais, Confluence Viewing Decks and Picnic Spot, Guided Morning/Sunset/Night Drives, neHikes, Walks & Trails.
Ezokuhlala zihlanganisa iLimpopo Forest Tented Camp, iMazhou Camp Site, neVhembe Wilderness Camp, okwenza kube lula ukukhetha uhlobo lohambo olufunayo.
Kubalulekile futhi ukuqaphela ukuthi iMapungubwe isendaweni enobungozi bukamalaleveva, ngakho izivakashi zikhuthazwa ukubonana nodokotela ngaphambi kohambo.
Kukhona nokulungiswa okuhleliwe eLeokwe Camp naseMazhou Campsite ukuze kuthuthukiswe izinsiza nezinga lokwamukela izivakashi.
- OLUNYE UDABA: ICape Floral Kingdom yingqayizivele yendalo
Ngale kwalokho, i-Mapungubwe National Park yindawo okumele uyifake ohlwini lwezindawo zekhethelo okumele uzazi eNingizimu Afrika.
- EZISHISAYO|Â Cofa lapha usithole kuWhatsApp
