EzintshaImpilo

UNtando Rambani uvula isifuba ngenxeba alisikwa ugogo wakhe

U-Ntando Rambani, umlingisi osengumbhali, usanda kukhuluma ngokujulile ngobuhlungu abhekana nabo esakhula. 

Engxoxweni yakhe noNandi Madida kwiMotherhood Network Book Club, uchaze izingqikithi ezisemqoka encwadini yakhe entsha ethi From One Mother to Another

Ingxoxo yakhe ivuse imizwa kubalandeli abaningi ezinkundleni zokuxhumana, ikakhulukazi lapho ekhumbula amazwi amlimaza kusukela ebuncaneni.

UNtando uchaze ukuthi wayenezifiso ezinkulu zokubonakala kumabonakude, ekhuthazwa kakhulu uHulisani Ravele ngoba wayezibona kuye ngenxa yamabala abanawo ebusweni. 

Nokho, walandisa ngesigameko esibuhlungu lapho ugogo wakhe amtshela khona ukuthi lawo mabala amenza angabi muhle. 

Ekhuluma ngalokho, uvukwe yisibibithwane wathi: “Yebo, ugogo wami uqobo wangitshela lokho…”

Wacacisa ukuthi izinyembezi zakhe aziveli entukuthelweni, kodwa zivela ebuhlungwini bokungatholi ukwesekwa ngesikhathi ebekudinga kakhulu. 

Kunalokho, wathola ukugxekwa endaweni yokuthola uthando nokuqinisekiswa. 

Lokho kwashiya inxeba, kodwa kwaphinde kwamnika ukubona ngokucacile ukuthi izingane zidingani kubazali bazo.

Ephendula kulokho, u-Ntando Rambani uthe uyabonga ngokuthi wadlula kulokho nakuba kwakunzima, ngoba kumfundise ukuba ngumzali ongcono namuhla. 

“Ngiyajabula ukuthi ngikuzwile lokhu, sisi Nandi,” kusho uNtando. 

“Ngeke ngiqambe amanga, indlela engingumama ngayo manje yehluke kakhulu.”

Uphinde waveza ukuthi ugogo wakhe wamfaka isifundo esiqondile — hhayi ngendlela yokwenza kahle.

Kodwa ngokumkhombisa ukuthi umzali akumele avele kanjani empilweni yengane. 

Indaba ka-Ntando Rambani iyisikhumbuzo esinamandla sokuthi amazwi angalimaza, kodwa futhi umuntu angawaguqula abe amandla okuphulukisa nokwakha ikusasa elingcono lezingane zakhe.