EzintshaUmabonakude

Isasasa kubuya uKhethiwe kwiGenerations

Kukhona izinkomba eziqinile zokuthi umlingisi uBawinile Ntshaba, owaziwa kakhulu ngoWinnie, usezophinde abonakale kwiGenerations: The Legacy elingisa uKhethiwe Buthelezi wodumo.

Kubikwa ukuthi uzovela kumabonakude kusukela ngenyanga ezayo.

Isimemezelo sabalingisi abasha kulindeleke siphume ngesonto elizayo, ngaphambi kokuqala kwabo ngoSepthemba.

Umthombo usedalule ngokusobala ukuthi: “Uyabuya uWinnie Ntshaba, uzoqhubeka nendawo kaKhethiwe ayekade eyilingisa kudala.

“Siyazi ukuthi kulo mdlalo wafika eyintombazane esencane ebuya emakhaya ehloniphayo nenamahloni.

“Namanje silinde ukubona ukuthi uzoqhubeka lapho yini noma kukhona okuhlukile eza nakho.”

Lokhu kuqinisa umbono wokuthi indima yakhe ingaba yisikhungo sezinguquko ezintsha.

Kuphinde kwavezwa ukuthi useqalile ukuqopha futhi useshuthe iziqephu eziningi.

Umthombo wengeze wathi: “Kukhona nabanye abalingisi abasha abazobonakala kulo mdlalo.

“Abanye asebeke babonakala kuwo phambilini. Engingakusho nje ukuthi ababhali bahlele okukhulu ngawo ukuwubuyisela endleleni owawuyiyona kudala.

“Uyazi nawe ukuthi uma sekumenyezelwa lezi zindaba kuzoba nesasasa mayelana nokuthi uzobuya kanjani.

“Nokuthi uzobuya eyilo Khethiwe ababukeli abamgcina ewuyena yini kudala.”

Okhulumela lo mdlalo, u-Eugene Cele, akakakuqinisekisi ngokuphelele ukubuya kwakhe kodwa akakuphikanga.

Uthe: “Bengisacela silinde kancane kuze kube kukhona isimemezelo esikhishwa iSABC nenkampani eqopha lo mdlalo ngezinguquko ezizokwenzeka kuwona.

“Ngikholwa ukuthi kuningi kakhulu okuzayo okuzokujabulisa nawe.”

Ngokomlando, uWinnie wayengomunye wabangu-16 abakhonjiswa indlela ngo-2014 ngesikhathi lo mdlalo usabizwa ngeGenerations.

Ngemuva kwalokho umdlalo wehlelwa isasasa, kwathi noma usubuya usuyiGenerations: The Legacy, ubhekane nengcindezi yokubuyisa udumo.

Muva nje kubuyiswe abalingisi abadala abafana noConnie Ferguson, Rapulana Seiphemo noVusi Kunene.

Kuphinde kwashintshwa isikhathi odlala ngaso, usuka ku-8 ebusuku uya ku-8.30, okubonisa umzamo wokubuyisa ababukeli.