EzintshaUmculo

Isilwane sibonga uthando lwabalandeli ngempumelelo emculweni

Umculi osafufusa we-Afro-Pop uNtuthuko “Isilwane” Sibiya ubhoboke ngohambo lwakhe olude nolunzima embonini yomculo.

Uhambo lwakhe luthathe ukuzimisela nothando, kanti lwenziwa lwaba lula wukusekelwa abalandeli abaqotho.

Isilwane, odabuka kwesaKwaMthethwa, Empangeni, uthi uthando lwakhe lomculo lwaqala esemncane.

Kepha umsebenzi wakhe waqala ukuhleleka ngo-2018. Efuna amathuba angcono, wathuthela eThekwini ukuze aphishekele amaphupho akhe omculo.

“Ngiyabazi ubunzima abaculi basendaweni yangakithi ababhekana nabo,” kusho yena. 

“Ngaya eThekwini ngiyozama ukufeza iphupho lami emculweni ngoba khona amathuba angcono.”

Ngo-2024, wakhipha ingoma yakhe yokuqala ethi Mnganami, abe eseyifaka ezinkundleni zokuxhumana. 

Le ngoma yabe seyichuma kakhulu, yamvulela iminyango yokuthi acule emicimbini emikhulu ehambisana nabaculi abasezingeni eliphezulu abafana noBig Zulu, Musiholiq, no-Intaba yeDubai.

Impumelelo yakhe enkulu ifike ngesikhathi Intaba yeDubai emcela ukuthi bambisane engomeni entsha. 

Umphumela kwaba yingoma ethi Missed Call, eqoshwe e-3point 7 Entertainment Studio eGoli. 

Ingoma iculwa ngokuhlanganyena Intaba yeDubai, Isilwane, Bonga The Son, noBO

“Ngibonga kakhulu ku-Intaba yeDubai ngokukholelwa kimi,” kusho Isilwane. 

“Sihlangane ezinkundleni zokuxhumana, futhi angikaze ngilindele ithuba elikhulu kangaka kuye. 

“Ngenkathi siqopha le ngoma, imimoya yethu yavele yazwana — savele saba yinto eyodwa.”

Naphezu kwesihloko sayo esithakazelisayo, i-Missed Call ingoma yothando ephethe umlayezo okhuthazayo nokuhle.

Ukuphumelela kwale ngoma sekuqalile ukuthela izithelo ezinhle — Isilwane umenywe yiNtokozo FM ukuthi azokhangisa ngomculo wakhe futhi axoxele abalaleli ngaye.

“Le ngoma ingivulele iminyango,” kwengeza yena. “Ngibonga ngempela kuwo wonke umuntu ongisekile endleleni yami kuze kube manje.”