
U-T Bose uveza okumenze ahlale iminyakanyaka kwiKaya 959
UThabo “T Bose” Mokwele usanda kuchaza indlela okwacishe kwaphazamiseka ngayo uhambo lwakhe olude kwi-Kaya 959.
Lokhu nakuba egcine eseneminyaka engu-20 kulo msakazo weseGoli.
Uveze ukuthi isikhathi esinzima empilweni yakhe yobungcweti samfundisa ukugxila kulokho okubalulekile: umbhobho, ukuzilungiselela kahle, nokuhlonipha abalaleli nsuku zonke.
Ngemuva kokulahlekelwa umsebenzi wakhe kwiMetro FM, uT Bose wachitha izinyanga ezine esekhaya.
Uthi leso sikhathi asizange sibe yikhefu nje elingalindelekile kuphela, kodwa saba yithuba lokuzihlola ngokujulile.
Wabona ukuthi impumelelo yayimenze wakhululeka ngokweqile, kwase kuncipha umzamo wokuletha imibono emisha namandla amasha ezinhlelweni zakhe.
Ekhuluma kwi-Kaya 959, u-T Bose uvume ngokusobala ukuthi naye wayenendima kulokho okwenzeka kuye kwiMetro FM.
“Isizathu esenza ngalahlekelwa yinkontileka kwaba yimi uqobo. Ngalehlisa izinga ngoba ukusakaza kwase kulula kakhulu kimi.
“Ngabe sengikuthatha kancane futhi ngagcina sengigxila kwezinye izinto eziseceleni,” kuchaza yena.
Ubuye waqinisekisa ukuthi ngaleso sikhathi wanquma ukuguqula indlela asebenza ngayo.
“Ngabe senginquma ukubeka phambili umsakazo kunayo yonke enye into,” kuqhuba yena.
“Ngkho uma ufun ukuhlangana nami, kumele ungilinde ngiqede uhlelo lwami emsakazweni kuqala.”
Lo msakazi onamava uthe uhlelo lungabonakala luthatha cishe amahora amathathu kuphela.
Kodwa umsebenzi ozungeze lona ulingana ngokuphelele nomsebenzi ojwayelekile wosuku lonke.
Ngaleso sizathu, waqala ukwenqaba amathuba athile, ngisho lawo ayenenzuzo yemali enkulu.
Uma nje ephazamisa isikhathi sakhe sokusakaza noma izinga lokuzinikela emsakazweni, wayenqaba.
Ngesikhathi egubha iminyaka engu-20 ekwi-Kaya 959, u-T Bose uthe uke wathola ezinye izicelo zomsebenzi kodwa wakhetha ukuhlala lapho ezizwa esekhaya khona.
“Ayikho into ekwenza uzizwe kangcono kunokuzizwa usekhaya lapho ukhona,” kuqhuba yena.
“Ukuba yingxenye yento ethile kuwumuzwa okhethekile. Lapha kusekhaya, ngizizwa ngaphakathi ukuthi ngifaneleukuba lapha.
- OLUNYE UDABA: Zenzele ukhilimu wokulapha ukutshabuka kosana
Nakuba evuma ukuthi izinguquko kubaphathi zisamfaka ingcindezi ngenxa yezinto adlule kuzo, uthe ukwethembeka kwakhe kule ndawo kusacacile.
Futhi indaba yakhe ikhombisa ukuthi ukulahlekelwa kungavusa ukubonga okusha ngalokho umuntu anakho.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
