
UMr JazziQ noGAC Motor SA bahlanganisa amandla omculo nezimoto
U-Mr JazziQ, ongumculi waMapiano owaziwayo, aphinde abe ngusomabhizinisi, usengene ngokusemthethweni emndenini we-GAC Motor South Africa.
Lobu budlelwano bumlethele imoto entsha, futhi buphawula ukubambisana.
Lokhu kuzogxila ekusunguleni, ekulangazeleleni impumelelo nasekukhuthazeni ithalente laseNingizimu Afrika.
Waziwa kakhulu nangothando lwakhe lwezimoto zakudala, nokuba khona kwakhe emicimbini yezimoto.
Lokhu kusebenzisana kuhlanganisa ubuso bomculo obuqashelwa kalula ezweni nomkhiqizo wezimoto ofuna ukuqinisa indawo yawo kubathengi baseNingizimu Afrika.
UMr JazziQ, ogama lakhe langempela linguTumelo Manyoni, wakhe umsebenzi odlula kude umculo kuphela.
Uqale ukuduma njengengxenye yeqembu laMmapiano iJazziDisciples, wase eqhubeka nomsebenzi wakhe eyedwa, waphinde wasungula ilebuli iBlack is Brown Entertainment.
Ngokombono wenkampani, ubukhulu baleli thonya yibo obenze kwaba ukufanela okucacile.
“UMr JazziQ umele yonke into esiyifisa kumlingani esingasebenzisana naye,” kusho uLehlogonolo Mphahlele, oyiMarketing Communications Manager e-GAC Motor.
“Uzakhele umsebenzi oncomekayo ngokuzinikela, nokuqhamuka nezinto ezintsha embonini kodwa ebe enobuqotho.
“NjengeGAC siyaqhubeka nokuzakhela igama eNingizimu Afrika. Yingakho sifuna ukuhlanganyela nabantu abahlahla indlela futhi abayisibonelo kwabalandela ngemuva.”
Ngasohlangothini lukaMr JazziQ, lesi sikhathi sifika ngesikhathi esimatasa ngemibukiso, imihlangano yebhizinisi nemisebenzi emisha.
“Ngiyazigqaja ngokujoyina umndeni weGAC. Umsebenzi wami wenza ngihlezi ngisemgwaqeni ngiyonandisa noma ngiy emihlanganweni yebhizinisi…
“Ngakho ukuba nemoto entofontofo, enobuchwepheshe besimanje futhi ebukekayo yinto ebaluleke kakhulu,” kusho yena.
“Kusukela ngiyizwe okokuqala le moto, ngavele ngazi ukuthi iyahambelana nempilo yami.
“Sengijhe ukwabelana ngolwazi lwayo nabalandeli bami,” kwengeza lo mculi.
I-GAC Motor South Africa ithi lokhu kungaphezu kokumaketha imoto; kuyingxenye yecebo elibanzi lokusebenza nabantu baseNingizimu Afrika kwezokuzijabulisa, ibhizinisi, ezemidlalo namasiko.
Imoto uqobo ihlanganisa isakhiwo sesimanje, ubuchwepheshe obuhlakaniphile, ukuphepha okuthuthukile nokunethezeka.
Konke lokhu kuhambisana nempilo yabashayeli besimanje nabantu abasebenza ngokushesha.
Njengoba uMphahlele ephawula: “Njengenkampani, sikholwa wukuthi ukuhamba kungaphezulu nje kokusuka endaweni uye kwenye.
“Kungokwenza abantu bakwazi ukulandela amaphupho abo ngokuzethemba.”
