
Igama elilodwa: Lesaka. Izindlela eziningi zokukusiza. Lapho ukhona, nathi sikhona
Lawa magama kungenzeka uwajwayele: Kazang, EasyPay, Adumo, Cash Connect neRecharger.
Manje asehlanganiswe ngaphansi kwegama elilodwa — iLesaka.
Akuyona inkampani entsha. Yizinsiza ezifanayo nezithembekile ozaziyo, kodwa manje zihlanganisiwe ukuze zikwazi ukwenza okwengeziwe emiphakathini ebezivele ziyisebenzela.
Isithembiso seLesaka silula: “Lapho ukhona, nathi sikhona.” Asilindi ukuthi amakhasimende eze kithi.
Sisebenzelaa ezindaweni lapho abantu behlala khona, beziphilisa futhi behwebelana khona — kungaba iseziphaza, emarenke nasezitolo ezingama-Cash and Carry.
I-Lesaka isiyingxenye ebalulekile yemiphakathi yethu. Bangaphezu kwezigidi ezimbili abantu baseNingizimu Afrika abathola izibonelelo zabo nge-akhawunti yeLesaka.
Abathola izibonelelo bathola nemalimboleko kwaLesaka, kanti imindeni engaphezu kuka-750 000 ingaphansi komshwalense womngcwabo weLesaka.
Ebhizinisini lethu labathengisi, izitolo ezingamasphaza, izitolo ezinkulu, amaCash and Carry, amagalaji kaphethiloli nezindawo zokudlela ezingaphezu kuka-130 000 zisebenzisa i-Lesaka nsuku zonke ukuze zenze amabhizinisi azo aphephe, asebenze kahle futhi enze inzuzo eyengeziwe.
Lokhu sikwenza ngezinsiza ezifana nokwamukela izinkokhelo ngamakhadi, ukuphathwa kwemali, uxhaso lwemali yamabhizinisi, ubuchwepheshe nezinsiza zokukhokha ngaphambi kokusebenzisa.
Kungakhathalekile ukuthi wondla umndeni wakho noma uqhuba ibhizinisi, izinto ezinhlanu ezibalulekile yilezi:
Ukukhokhela: izikweletu, i-airtime, idatha nogesi, esitolo esiseduze nawe emphakathini wakho.
Ukuthola: isibonelelo sakho, iholo lakho noma izinkokhelo ezivela kumakhasimende akho — ngokuphepha nangokwethembeka.
Ukuboleka: Uthola imalimboleko yomuntu siqu elawulwayo ukuze ukhokhele izidingo ezibalulekile njengemali yesikole noma yerenti, noma uthole uxhaso impahla yebhizinisi lakho.
Umshwalense: Uthola umshwalense wokungcwaba olula futhi okhonekayo ozovikela umndeni wakho.
Ukukhulisa: Uthola uxhaso namathuluzi angasiza ibhizinisi lakho noma umphanto wakho oseceleni ukuthi likhule libe yinto enkulu.
- OLUNYE UDABA: UNtando uveza okwacishe kwakhubaza emoyeni esakhula
Igama elilodwa: i-Lesaka. Izindlela eziningi zokukusiza. Lapho ukhona, nathi sikhona.
Ukuze uthole olunye ulwazi, vakashela isizindalwazi sethu: www.lesaka.tech.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
