EzemisakazoEzintsha

Banikize uLerato Kganyago kuvela amanyundululu omyeni

Usaziwayo ophinde abe ngumsakazi uLerato Kganyago usephinde waba sematheni futhi ezinkundleni zokuxumana – kodwa kungezizathu ezingalungile.

Umyeni wakhe asehlukene naye, ongusomabhizinisi uThami Ndlala, ukhonjwe ngenjumbane ebufakazini obushaqisayo kwiKhomishini kaMadlanga eqhubekayo. 

Indaba ingeHillel Villa & Spa — okuyihhotela likanokusho okuthiwa uNdlala walithengela le ntokazi njengesipho ngo-2022.

Ufakazi, ohlonzwe njengoWitnessA, udedele amabhomu ngesikhathi efakaza esendlini ephephile. 

Lo mseshi weSAPS utshele uphenyo ukuthi wamenywa emcimbini kanokusho kuleli hhotela elisendaweni yomntakabani iNorthcliff eGoli — okusolwa ukuthi wawuhlelwe nguNdlala uqobo.

Yini eyammangaza kakhulu? Kulo mcimbi kwakugcwele amaphoyisa asezikhundleni eziphezulu okubalwa noMajor-General Richard Shibiri. 

Ngokusho kofakazi, kungenzeka ukuthi lo mcimbi wawuyingxenye yemizamo yokujika uphenyo ngezinhlangano zobugebengu ezinamandla eGauteng.

ULerato Kganyago akakasolwa nganoma yibuphi ubugebengu, kodwa abantu baseMzansi bavele bamntinyela. 

Izinkundla zokuxhumana bezigcwele ukuqagela mayelana nokuthi ingabe wayazi kangakanani — nokuthi wazuza malini ngobugebengu.

U-@azania1023 ubhale ku-X: “ULerato Kganyago kungenzeka ukuthi uzuze azi noma engazi emalini yobugebengu.”

 U-@viral2nd wengeze wathi: “Uthengisa ngephupho elixhaswe ngobubi. Lobu bukhazikhazi bakhe bakhelwe phezu kwenkohlakalo.”

Manje abalandeli bayabuza ukuthi ingabe iMetro FM kufanele imthathele izinyathelo yini ngokuthinteka kwegama lakhe kulento.

U-@TrendTalkZA uthumele: “Umyeni kaLerato usolwa ngokuba yinkosi yobugebengu. Ingabe i-@METROFMSA kufanele ithathe isinyathelo ngokushesha?”