EzintshaUMaskandi

Uzithele phezu kwamanye amacala okaMaskandi evela enkantolo

Isihlabani sikamaskandi uDlubheke Khuzwayo uye enkantolo eyofaka isicelo sebheyili, kodwa wafike wathla ukuthi sekwengezwe amanye amacala.

Lo mculi odumile usemataniswa namanye amacala amabili okubulala eGauteng — phezu kwamacala amabili okubulala namabili okuzama ukubulala asolwa ngokuwenza KwaZulu-Natal.

Lo msolwa oneminyaka engu-31 ubudala odabuka eNquthu, ogama lakhe langempela nguBukelani Nxumalo, uvele eNkantolo yeMantshi yaseNquthu ngoMsombuluko. 

Bekulindeleke ukuthi afake isicelo sebheyili, kodwa icala lahlehliswa. Ubuyiselwe ezitokisini.

Ngokusho kwamaphoyisa, amacala asukela esigamekweni sokudubula sango-2023 eBabanango.

“Amadoda amane ayehamba ngemoto emhlophe ephuma endaweni yaseNtinini ngesikhathi emiswa umsolwa,” kusho okhulumela amaphoyisa e-KZN uLieutenant-Colonel Paul Magwaza.

“Ngesikhathi imoto yehlisa isivinini, umsolwa wavulela ngenhlamvu. Umshayeli wabe esehluleka ukuyilawula, imoto yaphaphalaza yaphuma emgwaqeni. 

“Izisulu ezimbili zakwazi ukuphulukundllea zabaleka, kodwa ezimbili zashonela endaweni yesigameko.”

UDlubheke, owangena kumaskandi ngo-2009, uyindodana kaShobeni Khuzwayo, umdidiyeli nomsunguli weqembu lodumo Izingane Zoma.

Umndeni wakwaKhuzwayo nawo ususinde ezigamekweni eziningi zokuhlaselwa ngezibhamu emzini wawo eNquthu kusukela ngo-2024.

Inkantolo iphinde yezwa ukuthi uDlubheke uyafunwa naseGauteng ngamacala amabili okubulala ahlukene — elilodwa elenzeka ngoJanuwari 1 ku-2022, nelinye likaNovemba 1 ku-2024.

Incwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe ikhishwe ngamaphoyisa aseGauteng.

Lo mculi odume ngezingoma eziningi okukhona nethi Ningakhali uzobuyela enkantolo Novemba 27 ku-2025.

  • Lolu daba lushicilelwe yiDaily Sun kuqala