
ULusanda Mbane uthembisa obengumsizi wakhe ibhadi
Umlingisi odumile uLusanda Mbane useziphendulele ngemuva kokuthi owayengumsizi wakhe, uLunga Ngcabashe emsole ngokumkweleta imali.
Le ntokazi seyisheshe yazichitha lezi zinsolo, futhi izibiza ngokuti azilutho ngaphandle kokuthi “amanga futhi ziyahlambalaza.”
Umbango uqubuke ngemuva kokuthi uNgcabashe engene ezinkundleni zokuxhumana wasola uLusanda Mbane.
Uthi lo mlingisi wamsusa ekhaya e-Easten Cape wamletha eGauteng qede wadllaa ngaye, walaxaza engamkhokhelanga.
Kodwa uLusanda uyaziqhalula — futhi manje uselubeke lwacaca uhlangothi lwakhe.
Ngokusho kwalo mlingisi, uNgcabashe usebenze kuye isikhashana phakathi kukaJuni no-Agasti 2022.
Ubesiza ngomkhiqizo wakhe wemfashini, iZazi Zithembe Zithande (ZZZ) — hhayi njengomsizi wakhe.
ULusanda Mbane uthi ubudlelwano bokusebenzisana buphenduke baba muncu.
Lokho kwenzeke ngesikhathi uNgcabashe eqa imingcele yobungcweti, okwaholela ekutheni agcine esezenzela umathanda.
Uphinde waveza ukuthi lolu daba lwaze lwaphelela e-CCMA — lapho icala elavuna khona lo mlingisi.
“Ngeke ngingabaze ukulandela izinyathelo zomthetho uma lokhu kuqhubeka,” kuxwayise le ntokazi.
Ukubeke kwacaca ukuthi usekulungele ukuya enkantolo uma le nsizwa iqhubeka nokumbeka amabala.
