EzintshaImpilo

Abesifazane mababeke impilo phambili, bahlolelwe izifo ezibucayi

Ubuningi bemithwalo ephethwe ngabesifazane emakhaya, emsebenzini nasemiphakathini buvamise ukubenza bagcine bengasanaki izidingo eziyisisekelo zempilo yabo.

Ochwepheshe bezempilo bayakugcizelela ukuthi ukuzinika isikhathi sokuyohlolwa akusikho ukuzithokozisa.

Kodwa kuyisinyathelo esibalulekile esinganciphisa ubungozi bezifo ezitholakala sekudlule isikhathi.

UMnuz Murray Hewlett, oyisikhulu esiphezulu e-Affinity Health, ukhuthaza abesifazane ukuthi bangakuhlehlisi ukuhlolwa okujwayelekile.

“Lokho kungasiza ukuthi kusheshe kubonakale izimo, izinkinga nezifo okwehlukene okusuke kudinga ukulungiswa kusenesikhathi.

“Lokho kungasiza ukunqanda ukubhoka komonakalo ongaba khona emzimbeni nasegazini labo uma bengazinakekeli,” kusho uHewlett.

Phakathi kokubalulekile kukhona i-Pap Smear ne-HPV testing, ikakhulukazi kwabaneminyaka ewu-25 kuya ku-65, ngokuvamile njalo eminyakeni emihlanu.

Lokhu kubalulekile ngenxa yokwanda komdlavuza wesibeletho eNingizimu Afrika.

Ukuhlolwa kwamabele nama-mammogram nakho akumele kugcinelwe abaneminyaka engaphezu kuka-50 kuphela, ngoba kuyingozi nakwabancane.

Ukuhlolwa kwe-blood pressure, i-cholesterol ne-glucose nakho kuyimpoqo, ikakhulukazi kwabaneminyaka ewu-35 nangaphezulu.

Nakulabo abanomlando wesifo senhliziyo noma sikashukela emndenini yabo.

Ezokuzala nazo zidinga ukunakwa: ubuhlungu bokuya esikhathini, ukushintsha komjikelezo, udungwe wubala, ukwehla noma ukukhuluphala ngokweqile, nokungakwazi ukuzala kungaba izimpawu zokungahambi kahle.

Ngaphezu komzimba, impilo yengqondo nayo ibalulekile.

Ucwaningo lukhomba ukuthi abesifazane basengozini enkulu yokuphathwa wukhwantalala.

Ngakho ukuhlolwa kwesimo sengqondo kufanele kube yingxenye yohlelo lwempilo oluqhubekayo.

Umyalezo uqondile: ukuhlolwa kusenesikhathi kusindisa impilo futhi kunikeza ukuthula kwengqondo.