UZama ukhrosha amaphupho akhe abe wumkhiqizo wemfashini
Edolobheni elincane elisenkabeni yaKwaZulu-Natali elibizwa ngokuthi i-Estcourt kukhona iciko eliselincane elisebenzisa lokho abaningi abacabanga ukuthi kuphambene nesitayela ukuze liziphilise – futhi linamaphupho amakhulu.
Sihlangane noZama Mbongwa, intokazi eneminyaka engu-27 ubudala. Umsebenzi wakhe akuyona nje imfashini. Uyigugu. Uwukuxoxa izindaba.
- Izimpande nogqozi
UZama wakhula eyingane ezithulelayo, evame ukuzithola izindla ngemicabango esikhathini la ontanga bedlala noma bezijuxuza.
Unina, onguthisha, nguye owagxilisa isiyalo sokuziphatha kahle, nokulandela amaphupho akhe.
“Ngikholwa wukuthi ukukhrosha yinto engenamkhawulo,” kusho uZama. “Akukhona nje ukukhrosha impahla. Kuyizinkumbulo. Kuwukufudumala komndeni.”
- Ukuzalwa kweKatalia
UZama useqale impahla yakhe ayikhroshayo kanti uyibiza ngeKatalia, okuyizimpahla ezibungaza lolu hlobo lwempahla.
Izigqoko zelanga zezingane. Amabhuzu amancane abantwana. Okokugqoka kwabantu abadala okuthokomele. Zonke izimpahla zinomlayezo othule: Ukukhrosha akupheli.
Uyibiza ngokuthi “endless crochet” – ubuciko obuhlanganisa iminyaka, imfashini, nesikhathi.
- Izinselelo nombono
Yebo, kunezithiyo. Ukuthola abantu azosebenzisana nabo. Ukulwa nenkolelo yokuthi ukukhrosha ‘yinto yabantu abadala’.
Ngaphezu kwalokho – umsebenzi owenziwa ngezandla uthatha isikhathi eside futhi udinga isineke.
Kodwa uZama uguqula izinselelo zibe uphethiloli ovuthisa umlilo ngaphakathi kuye.
Umbono wakhe? Wukuba impahla yakhe igcine seyidayisa eitolo ezinkulu, futhi avule amathuba emisebenzi ngokuqasha abanye abazomlekelela.
Eminyakeni eyishumi ezayo, le ntokazi ibona iKatalia iqasha abantu abangaphezu kuka-20.
“Akukhona nje ngokukhrosha izimpahla,” usho kanje emamatheka. “Kungabantu. Amakhasimende ami awaphelelwa yisikhathi.”
IKatalia ingeyaseNingizimu Afrika ngokuziqhenya. Amaphethini ayo axoxa izindaba. Imibala igcina amagugu.
- Iphupho lika-R100 000 weNikNaks
Ukuwina umklomelo weNikNaks kuzoshintsha yonke into kuZama. Ngeke kube wukuthola imali nje, kodwa kubaba nomthelela omkhulu.
OLUNYE UDABA: Uzalo luza nezinye iziyaluyalu ezithokozisayo!
UZama ufuna ukwethula amaphrojekthi entsha, akhe amathuba emisebenzi, futhi abeke i-Estcourt ebalazweni.
“Ngifuna umhlaba wazi iKatalia njengohlobo lokukhrosha oluvela eNingizimu Afrika,” usho kanje izwakala intshisekelo ezwini lakhe.
KuZama, ukukhrosha kungaphezulu kokuthunga impahla. Kuwulimi lothando. Kuyifa legugu alithola kugogo wakhe futhi angafuni ukwehlukana nalo.
Yingakho iKatalia kuyimfashini engeke idlulelwe yisikhathi. Ngokunjalo nendaba kaZama.
- Utholakala kanjani?
WhatsApp: (+27) 73 066 1371 – Zama Mbongwa
Facebook: https://www.facebook.com/michie.mbongwa
TikTok: http://tiktok.com/ekataliakoutureshop

