EzintshaUmabonakude

Uzalo luza nezinye iziyaluyalu ezithokozisayo! 

Umyeni kaMaDongwe ubuyile — futhi isikhathi afike ngaso ngesiqinisekisa ukuthi kuzoba nezigemegeme ezingakholakali. 

Ngemva kokunyamalala cishe eminyakeni eyishumi edlule, eshiya dengwane uMaDongwe noLilly bengenamakhaya, uMnu Dongwe uvele wavumbuka esikhaleni KwaMashu. 

Wake waziwa njengendoda yomndeni enothando, kodwa wavele walahla yonke into ngaphandle kwesixwayiso… Kodwa manje usefuna ukubuyela ekhaya.

Ngabe bazomvumela abuye. Nakhu okumele ukuqaphele ngaye: unogazi oluyingozi. Abantu bayamthanda. Bayamethemba. 

Futhi uyakwazi ukukhohlisa noma ngubani ahlangana naye, amenze ambone eyindoda ethembekile nenothando oluyisimanga.

Umbuzo omkhulu: ingabe uLilly uzomamukela uyise, noma uzomchitha, amvalele ngaphandle? 

Le ndawo yale ndoda izodlalwa nguMondli Nkomo, ongubuso obujwayelekile kumabonakude kuleli. 

Cishe usuke wambona kwiSkeem Saam, Nikiwe, Umkhokha: The Curse, Smoke & Mirrors, The River, Blood Legacy, Black Tax, Durban Gen, ne-eHostela.

Uke wadlala ku-Uzalo phambilini, ngo-2018, enguThisha. Ekhuluma ngokubuyela kwakhe kuZalo, uNkomo uzwakalise ukujabula kwakhe. 

“Ngijabule futhi ngibonga iStained Glass TV ngethuba lokujoyina Uzalo njengoMnuz Dongwe. 

“Ngiyethemba ukuthi njengoba ebuya ezokwakha kabusha umndeni, uzokwazi ukuhlanganisa umndeni wakhe,” kusho yena.

“Futhi ngithemba ukuthi indodakazi yakhe uLilly izokujabulela ukubuyla kukayise ngemuva kokuhamba iminyaka eminingi kangaka.”

Isimo sizoshuba KwaMashu. Buka Uzalo phakathi nesonto kuSABC1 ngo-8.30 ebusuku ukuze ubuke lo lesi siphithiphithi esiza noMnuz Dongwe.