Ushaye ifambu embi u-DJ Sbu esula kwiRadio 2000
U-DJ Sbu usedale inkinga kuRadio 2000 ngemuva kokungaqondi incwadi abebhalelwe yona, wavele wesula emsebenzini.
Wesula ngesonto eledlule, ngephutha ekholelwa ukuthi isiteshi siyamdedela njengoba kuzohlelwa kabusha nje.
Ukudideka kubangelwa incwadi ejwayelekile ethunyelwe kubo bonke abasakazi ngaphambi kokuvuselelwa kwezinkontileka.
U-DJ Sbu, ogama lakhe langempela uSibusiso Leope, akayifundanga kahle le ncwadi futhi wacabanga ukuthi inkontileka yakhe ngeke yelulwe.
Efuna ukulawula lesi simo ukuthi kungabi sengathi uxoshiwe, ugqume wahlala ememezela ukwesula kwakhe ezinkundleni zokuxhumana.
Ucele usizo esiteshini ekulawuleni lesi simo, efisa kube sengathi usencengiwe ukuthi ahlale
Nokho ubuye wathola ukuthi empeleni lesi siteshi sihlose ukuxoxisana naye ngenkontileka entsha.
Eshaqekile ngephutha lakhe, uncenge iSABC ukuthi imsize ekulungiseni isimo.
Umthombo osondelene nalesi siteshi uveze ukuthi abaphathi bayamhlonipha u-DJ Sbu ngoba uhlelo lwakhe luletha izinombolo eziphezulu zabalaleli.
Ngokubika kweSunday World, ngemuva kokubona umbhalo wakhe la ebeveza khona ngokwesula kwakhe, basheshe bafinyelela kuye ukuze bacacise isimo.
Bachaze ukuthi le ncwadi bekungeyona eyokuxoshwa kodwa iyingxenye yohlelo lokuvuselela kabusha kwezinkontileka.
Ebona iphutha lakhe, uSbu kuthiwa ukhungathekile. Ucele usizo esiteshini ekulawuleni lesi simo, efisa kube sengathi usencengiwe ukuthi ahlale.
Manje, yena neRadio 2000 badonsa kanzima ukuthola indlela engcono yokusingatha lesi simo ngaphandle kokulimaza ukwethembeka kwakhe.
Yize sekwenzeke yonke le ngxubevange, uDJ Sbu usekhona esiteshini.
Okhulumela iSABC uMmoni Ngubane ukuqinisekisile ukuthi usesayine inkontileka entsha yezinyanga ezingu-12.
Yize lesi sigameko silingcolisile igama lesiteshi kodwa ukuduma kukaSbu kuphoqe lesi siteshi siqhubekele phambili.
Nokho, lesi simo sigqamisa ukubaluleka kokuxhumana okucacile phakathi komqashi nomsebenzi.
Ukuqhubekela phambili, u-DJ Sbu kanye nesiteshi bazodinga ukucophelela ngomonakalo odalwe yilokhu kungaboni ngaso linye.

