EzintshaSebenza

Kubuya i-The Chair, esiza abafuna umsebenzi kuSABC 1

Uhlelo olindelwe ngabomvu, i-The Chair, seluyabuya nenye isizini ethembisa lukhulu. 

Kulokhu, loluhlelo luhlose ukuba nomthelela omkhulu ekwandeni kwamathuba okuqasheka entsheni yaseNingizimu Afrika.

Ozophatha lolu hlelo kulokhu nguKgaugelo Mokholwane, owaziwa kakhulu ngelika-KC. 

Ungubuso obujwayelekile kumabonakude njengoba eseke wethula iMzansi Insider neThe Remix SA

Le nsizwa esencane ngeminyaka yakhulela eMadisha-Ditoro, eZebediela.

Uqale uhambo lwakhe kumabonakude ngesikhathi enza izifundo zobunjiniyela e-UCT. 

Usebenze kwi-It’s For Life ku-SABC2 futhi wabe esenqoba iMzansi Insider Presenter Search ngo-2017.

Kwi-The Chair uzokwethula uhlelo ngokubambisana noMadelein Smit, onguchwepheshe wezokuqashwa kwabantu onesipiliyoni seminyaka engaphezu kweyishumi. 

Ndawonye, bazosiza abafuna umsebenzi ngesikhathi bebaxhumanisa nabaqashi futhi benze nenhlolokhono. 

Uhlelo luhlinzeka ngemininingwane ngenqubo yokuqasha, okuwenza ube yinkundla ebalulekile yabafuna umsebenzi.

I-The Chair isivele isize abantu abangaphezu kuka-26 ngesizini yayo yokuqala. 

Kulokhu ibuya ezingu-52 ukusiza abantu abaningi baseNingizimu Afrika bathole umsebenzi. 

Isiqephu ngasinye sizoba yithuba lokuthi abafuna umsebenzi babonise amakhono abo futhi baxhumane nabaqashi.

Loluhlelo luzodlala ku-SABC1 kusukela ngoMashi 5, 2025, njalo ngoLwesithathu ngo-4:30 ntambama. 

Luxhaswe yiSABC Education, kanti lunikeza umsebenzi wangempela kophumelele esiqeshini ngasinye. 

Ngaphezu kokuba wuhlelo, iThe Chair iwukungenelela okunamandla ekulweni nokuntuleka kwemisebenzi.

Ungaphuthelwa! Buka lolu hlelo, uthathe isinyathelo sokuqala esibheke ekusaseni eliqhakazile. Njalo ngoLwesitathu ngo-4.30 ntambama.