Ezintsha

Nawe usungaswayipisa: INedbank isiza amabhizinisi amancane ngobuchwepheshe

Njengoba izinto zijika emabhizinisini, futhi abantu bengasawuphathi ukheshi befuna ukusebenzisa amakhadi. 

Iningi lamakhasimende asefuna ukusebenzisa amakhadi awo ukuswayipa uma ethenga. 

Lokhu sekwenze amabhizinisi amancane – kungaba ispaza, umdayisi wasemgwaqeni, noma odayisa izimbuzi – azithola esalela emuva.

Kodwa ngosizo lweNedbank lokho kuyajika manje, futhi amabhizinisi amancane ngeke esalahlekelwa amakhasimende ngoba engakwazi ukukhokhisa ngekhadi. 

Kusukela kusomabhizinisi oseGa-Mphahlele eLimpopo, kuya koseNdwedwe KwaZulu-Natal, ukwamukela ukukhokhelwa kwamakhadi akuseyona into ewubukhazikhazi — sekuyindlela yokuphila kwebhizinisi. 

INedbank seyiqhamuke njengevulandlela kulolu shintsho lwendlela yokwenza ibhizinisi.

Isivule indlela yokuthi amabhizinisi amancane akwazi ukuvala igebe phakathi kwamabhizinisi asemancane nalawo amakhulu.

  • Umshini ephaketheni lakho: Ubuchwepheshe esiphendula noma yimuphi umakhalekhukhwini ube ngumshini wokuswayipha osebenzisa uhlelo lwe-NFC.
    Lolu hlelo alunazo izindleko, kanti luyithuluzi lokwenza abamabhizinisi asemancane abe sezintweni.
  • I-PocketPOS: Lo mshini usiza labo abadayisayo ikakhulukazi ngoba uyakwazi nokulishutheka ikhadi.
    Alubizi kakhulu lolu hlelo futhi imali oyithenge ngalo iyabuya uma wenza inzuzo ngendlela efanele. 
  • I-Android POS: Yakhelwe izindawo ezinabantu abaningi, le mishini yokukhokha asebenzisa amakhadi amabili ukuze kungani nenkinga yokulahleka kwenethiwekhi. 

Konke okhu kunikeza amabhizinisi asemancane uhlelo lokubona ukuthi abathengi bathanda kuphi kakhulu kwabakudayisayo. 

Isu leNedbank lidlulela ngale kokudayiselana nje. Abathengisi bayakwazi ukuyithola ngalo lolo suku imali abayenzile.

Kukhona neGAP Access, okuyindlela yokubolekwa imali efinyelela ku-R1.5 million lapho ukukhokha kufinyelela esikalini ngokwenzuzo yamakhadi.

Futhi njengoba iNedbank seyithenge ne-iKhokha, iyaqhubeka nokwenza lula ukungena ezingeni lesimanje. 

Ngokuphatha iziphaza ngenhlonipho efanayo njzitolo ezihamba phambili, iNedbank ifakazela ukuthi emnothweni wesimanjemanje, wonke ayefana.