IToyota iyiphucule kakhulu i-Urban Cruiser
IToyota South Africa isiyenze ngcono i-Urban Cruiser njengoba efuna lezi zimoto zikwazi ukungena embangweni wokuthengwa nezinye zalolu hlobo olubizwa ngeCrossover/SUV.
Izibuyekezo ezibalulekile zihlanganisa isistimu entsha yomsakazo (infotainment) onesibuko esithintwayo esingu-9 inch (esuka ku-7 inch).
Isiteringi sona sikhaveke ngesikhumba, kanti inezimbobo ezimbili zangemuva ze-USB Type-C, newayipha yewindi langemuva.
Imodeli ye-XS manje isishintsha amasondo ayo ensimbi ngamasondo e-alloy futhi ithola ishalofu lemithwalo elinezintambo.
Kokuphuma phambili kwi-XR, iToyota ithuthukise amalambu e-halogen aba amayunithi e-LED anokulawula ukukhanya okuzenzakalelayo.
Amanani eToyota Urban Cruiser ango-2025 (eNingizimu Afrika)
Intengo ihlanganisa uhlelo lwesevisi lweminyaka emine noma amakhilomitha angu-60 000 newaranti yeminyaka emithathu noma amakhilomitha angu-100 000.
- I-Urban Cruiser 1.5 XS MT – R342 700
- I-Urban Cruiser 1.5 XR MT – R360 200
- I-Urban Cruiser 1.5 XR KU – R373 800
Zonke zisaqhubeka nokusebenzisa injini engu-1.5 litre enamasilinda amane kaphethroli ekhiqiza u-77 kW no-138 Nm.
Inamagiya amahlanu ashintshwayo noma amane azishintsha ngokwawo (automatic).
KwaToyota bathi idla amalitha ayisithupha (6.1 L) ngebanga lamakhilomitha angu-100 kuzo zonke izinhlobo zale moto.
OLUNYE UDABA: Usengene nakwezinye izifundazwe uThwasalikamolo
Ukuthuthukiswa kwakamuva kuhloswe ngakho ukuqinisekisa ukuthi i-Urban Cruiser isalokhu iyimbangi eqinile embangweni wezimoto omkhulu eNingizimu Afrika.

