
Ezintsha ngecala lokubulawa kukaZolani Tete
Umbuso uthi ukubulawa kukamshayisibhakela uZolani Tete kwahlelwa ngokucophelela.
Kwaze kwasetshenziswa umxhumanisi ukuze kuqashwe izinkabi ezimbili ezamlalela unyendle esangweni lomuzi wakhe e-NU17, eMdantsane.
Abesilisa abane bavele eNkantolo kaMantshi yaseMdantsane bebhekene necala lokubulala nelokuzama ukubulala intombi kaTete.
UTete, oneminyaka engu-38 ubudala, wadutshulwa cishe ngo-6:30 ntambama ngoLwesihlanu ngesikhathi elinde ukuvuleka kwesango.
Wazama ukubaleka angene egcekeni ngemoto ukuze abalekele izinhlamvu, kodwa washonela endaweni yesigameko.
Intombi yakhe eneminyaka engu-27 ubudala, eyayihlezi esihlalweni somgibeli, yadutshulwa kaningi futhi isesibhedlela.
Okhulumela iNPA, uLuxolo Tyali, uthe abasolwa ngokumbulala nguSiphesihle Kolisa (28) no-Athandwa Gangala (27).
USinebongo Qase (28) kuthiwa wayengumxhumanisi bese u-Uzuzole Goqwana (22) nguye osolwa ngokuehlela konke.
“Umbuso usola ukuthi ukubulala kwakuhlelwe kusenesikhathi futhi lolu daba luwela ngaphansi kweSheduli 6 yoMthetho Wezinqubo Zobugebengu.
“Ngenxa yobucayi bamacala, umshushisi uzophikisa ngamandla ukukhululwa kwabasolwa ngebheyili,” kusho uTyali.
ISheduli 6 iyisigaba esiphezulu sebheyili, okusho ukuthi abasolwa kumele bafakazele izimo ezikhethekile ukuze bakhululwe.
UGoqwana waboshwa ngoMgqibelo; uKolisa noGangala baboshwa eScenery Park, KuGompo City, ngeSonto, uQase waboshwa ngoMsombuluko.
Amaphoyisa athole izibhamu nezinhlamvu ngesikhathi kuboshwa uKolisa noGangala.
Laba bobabili basishiye phansi isicelo sabo sebheyili emacaleni ahlukene okutholakala nezikhali ngokungekho emthethweni.
UGoqwana noQase kulindeleke ukuthi babuyele enkantolo ngesonto elizayo ngoLwesibili ngesicelo sebheyili esisemthethweni.
UGoqwana, osebenzisa isihlalo esinamasondo, ugcinwe esigabeni sezokwelashwa eWest Bank Correctional Centre KuGompo City.
- OLUNYE UDABA: UMpumelelelo no-Amahle sebenengane
UBrigadier Nobuntu Gantana uthe indoda eneminyaka engu-30, eyake yaboshwa, idedelwe futhi isabhekwa njengofakazi ongase abe wusizo.
UZolani Tete, obaziwa ngelika“Last Born” kwezamankomane, wawina izicoco zomhlaba ngo-2014 nango-2017.
Ubephethe nerekhodi leGuinness le-knockout yemizuzwana engu-11 aliqopha eBelfast.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
