
ULondie London wacikwa ucansi ekulingiseni
Isihlabani seReal Housewives of Durban uLondie London sesidalule ukuthi kungani sashiya phansi ekulindiseni.
Lo mculi oneminyaka engu-33 ubudala uveze imihlolo eyamehlela eyenza athathe isinqumo sokuyeka kulo mkhakha.
Usiveze ngesikhathi enengxoxo nabePodcast and Chill Network muva nje.
Uchaze ukuthi wazithola esewotwawotwa ngendlela enganambitheki nguzakwazo wesilisa ngesikhathi beqoka isigcwawu esithile.
Ngesikhathi sesigcawu socansi, umlingisi wesilisa ayesebenza naye wavele wavukwa yinkanuko yocansi, wavukelwa.
ULondie London wazizwa engakhululekile njengoba isimo sase siphuma esandleni sakhe.
“Angiyena umlingisi oqeqeshiwe futhi wayengekho osibonisa okumele sikwenze,” kusho yen.
Ubalule ukuthi akekho owamlungiselela lokho okwakuzokwenzeka kulesi sigcawu ukuze akwazi ukumelana nakho kahle.
Naphezu kokuba khona kwamakhamera nabasebenzi abayishumi kulelo gumbi, isimo samenza akangakhululeka.
Ngalesi sikhathi kuqoshwa lesi sigcawu, uLondie London wayegqoke izingubo zangaphansi eziveza umzimba.
Kulapho ke lo zakwabo wesilisa akabe esevukelwa, wagcina esephefumulela phezulu futhi ejuluka.
Uchaze isigameko lapho uzakwabo amhlikihla khona ngomphambili wakhe, waphinde wamwotawota umzimba wonke.
“Ngangididekile ngokuthi kwenzakalani manje,” kuvuma lo mculi.
“Ngangigqoke izingubo zokulala ezikhangayo (lingerie). Insizwa yayisiphefumulela phezulu futhi iconsa umjuluko.
“Isithi sakhe sangasese sasesimile. Ngavele ngadideka ukuthi kwenzekani.”
Ngemva kwalesi sigameko, wafunga wagomela ukuthi ngeke aphinde alingise.
OLUNYE UDABA: UTshatha ugadle kubazalwane
ULondie London uthi lesi sigameko wamenza waqonda nokuthi kungani abalingisi begcine sebezwana okwangempela.
Uvumile ukuthi lo mlingisi aye naye kwakuyinsizwa yakwabo impela kodwa yena wayengeke athandane nayo ngenxa yokuthi yayincane kunaye.
KuLondie London, indoda encane ngisho ngeminyaka embalwa uyithatha ngokuthi inguBen 10.
Umdidiyeli wezingoma zikaNomakanjani usegxile emculweni wakhe
