EzintshaOsaziwayo

UCyan Boujee ‘unyamalele’ amabhange evala izimali zakhe

Kuvele imibiko yokuthi ama-akhawunti akhe asebhange amisiwe njengoba kunophenyo oluqhubekayo ngensizwa okusolwa ukuthi ibimbusisa ngezimali.

Konke lokhu kwenzeke ngemuva kokuboshwa kukaKagiso Lerutla e-OR Tambo International Airport ngeSonto. 

Ngokombiko wabeMDNtv, uLerutla nguye obebusisa le ntokazi ngemali kodwa akukho okusaqinisekisiwe ngobudlelwano babo.

UCyan Boujee, ogama lakhe langempela nguHonor Zuma, usanda kuba sematheni ngemuva kokuthengwa umuzi kanokusho eMidstream Ridge Estate.

Lo muzi kubikwa ukuthi ubiza imali elinganiselwa ku-R10 million. Ukuveza kwakhe ezinkundleni zokuxhumana ukuthi usethenge lesi sithabathaba kumlandele amehlo.

Abanye bebetusa impumelelo yakhe kanti abanye bebebuza ukuthi uyitholaphi le mali yokuthenga izinto ezibiza kangaka.

Phakathi kwalabo abaphakamisa ukukhathazeka kukhona nomsakazi wamaPodcat odumile uMacG, othe kumele aveze lapho ethola khona amasenti.

Uphakamise ukuthi “izibalo azihlangani” mayelana nesimo semali salo saziwayo.

Ephendula, uCyan Boujee ugcizelela ukuthi imali uyenza ngezindlela ezisemtehtwheni, wathi: “Ngikhokhelwa nsuku zonke.”

Kodwa-ke, ukuqagela kushube kakhulu kulandela ukuboshwa kukaLerutla ngempelasonto.

Imibiko manje isikhombisa ukuthi amabhange amaningi aseNingizimu Afrika awawamisile ama-akhawunti akhe. 

Izizathu zalesi sinyathelo azikaqinisekiswa ngokusemthethweni.

Ukwengeza kulokhu, uCyan Boujee usevale i-Instagram yakhe nezinye izinkundla zokuxhumana.

Uchaze lesi sinyathelo njengokuhlaba ;ikhefu’ ngenkathi echitha amahlebezi aqhubekayo ngaye.

Kulesi sigaba, iziphathimandla azikakhiphi izitatimende ezisemthethweni ezimxhumanisa ngqo nanoma yikuphi ukwenza okubi.