OsaziwayoUMaskandi

‘Kogcina lona,’ kusho uGandaganda edida abaningi

Umculi kaMaskandi wesifazane odumile, uGandaganda useshiye abaningi bezibuza beziphendula ngenkulumo ayibhale kwiFacebook.

Le ntokazi esencane edume ngokuziqhenya ngobuntombi bayo, ibhale ngento okucacayo ukuthi inokuyikhuba emoyeni wayo. 

Okudide abaningi wukuthi yini le uGandaganda akhuluma ngayo njengoba engacacisanga kahle futhi lo mbhalo ewuphelezele ngesithombe sakhe egqoke iphinifa.

Lo mbhalo wayo ukhombise ikhono layo lokucikoza, nokubhinqa okunqaba futhi yashiya abaningi bedidekile. 

“‘Ok’salayo kogcina lona,’ kusho umuntu ongumalume wabashana abaningi abahlezi behamba nqunu belenga namafinyila,” kubhala uGandaganda kuFacebook.

“Osisi bakhe – sengisho omama babashana – phela baphuthume “lona”. Angithi phela liyaziswa vele lay’khaya. 

“Nakhu nomalume wakhona uhambe ekhomenta emapostini oGandaganda ethi “kogcina lona”.

“Angithi vele ulazela ekhaya kosisi bakhe. Selokhu kwathi nhlo, hlezi kunomshana omusha.”

Abaningi babone sengathi lapha kukhulunywa ngesitho sangasese sowesilisa njengoba ekhombise ukuhloniphisa.

Bathi ukube ubekhuluma ngokugana – okuhambisana nokugqoka amaphinifa – ubengeke ahloniphise ngale ndlela.

Nokukhuluma ngokuzala njalo kodadewabo kalomalume akhuluma ngaye kuyacaca ukuthi uGandaganda ubeqonde kuphi ngale nkulumo yakhe.