Ezintsha

I-ABSA Home-Buying Guide isiza ukufeza amaphupho

Ngemuva kweminyaka emihlanu ephupha ngokuba nekhaya elithi yena, uLebo Mashele wagcina elifeziile leli phupho ngosizo loMhlahlandlela Wokuthenga Ikhaya (Home Buying Guide) we-ABSA.

ULebo waqala uhambo lwakhe ngokuhlonza lokho ayengakwazi ukukukhokha esebenzisa amathuluzi e-ABSA atholakala kwisizindalwazi saleli bhange.

LOkhu kwamsiza ukuba akwazi ukuhlonza imali angakhona ukuyikhokha, futhi abeke isabelomali esingokoqobo. 

Njengoba incwadi yakhe yokukwazi ukuyikhokhela isiqinisekisiwe, waqala ukubuka izindawo futhi ekugcineni wayithola indlu enhle enamakamelo amabili ayithanda.

Ngemuva kokufaka isicelo sokuthengiselwa le ndlu, wafaka isicelo sokubolekwa imali yokuthenga indlu wabe eselinda ngokukhathazeka. 

Ngesikhathi i-ABSA ivuma ukumboleka le mali, uLebo uthi “wavele wazidedela izinyembezi zenjabulo,” azi ukuthi iphupho lakhe selizofezeka.

Inqubo yokubhalisa yathatha izinyanga ezintathu, kodwa ucingo oluqinisekisa ukubhaliswa kokugcina lwenza ukulinda kwakhe kwaba nenzuzo. 

Wahlela ukuthutha kwakhe ngokucophelela, waxhuma izinkonzo zakhe kumasipala, wagcina esengena emzini wakhe omusha.

Ephethe okhiye esandleni, uLebo uthi Umhlahlandlela Wokuthenga Ikhaya we-ABSA umnike ukuzethemba nolwazi ayeludinga ukuze alandele kuzo zonke izigaba zenqubo.

Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe ngokuqala uhambo lwakho lobuthenga eyakho indlu, vakashela ku: www.absa.co.za