EzintshaUMaskandi

Umculo kaThwasalikaMolo usungene nakwezinye izifundazwe

Umculi kaMaskandi, owaziwa ngokucula ushuni wengwazi engasekho uBhekumuzi Luthuli, ubona umculo wakhe ukhula ngamandla.

UthwasalikaMolo, ogama lakhe langempela nguSanele George Ngcobo uxoxisane neSigqi Sethu ngokukhula kwakhe emculweni.

“Ngaqala emculweni nginguJojiwabantu, kodwa manje sengiyaziwa emculweni ngoThwasalikamolo,” usho kanje.

Le nsizwa ithi idabuka Embo esigodini saseNdaya. Ithi kuyiphupho layo ukujabulisa zonke izifundazwe zaseNingizimu Afrika. 

Kule nyanga kaNovemba ubephakathi kwalabo abathole ithuba lokuyonandisa emcimbini obuse-Eastern Cape.

“Ngithole ithuba lokucula ngesikhathi kukhonjiswa ifilimu yesiXhosa ebizwa ngokuthi Noxolo Film.”

Le filimu ikhonjiswe emphakathini waseFlagstaff ehholo lendawo, iBhizi Hall, engaphansi kukaMasipala wase-Ingquza Hill.

Uveze ukuthi njengeciko elikhulayo ulihlonipha kakhulu ithalente labantu abamnyama.

“Kulolu hambo ngihambe nabadansi abayisikhombisa (amagidangoma) noMqoqiwabantu, abasiza ngokucula,” kuchaza yena.

“Sibone abantu abaningi abanethalente lapho. Sasebenzisana kahle nezizwe ezahlukene ngaphansi kwenkampani ebizwa ngokuthi yiCulture is our Heritage.”

Uthembise abalandeli bakhe ukuthi umculo wakhe omusha usendleleni – ngakho ababe beviva.

“Sengiyiqophile i-EP enezingoma ezintathu. Izihloko zezingoma zithi ‘Bayathwala‘, ‘Isithunywa sikamolo‘, nethi ‘Anoqaphela abantu bomndeni‘.

“Ngifisela bonke abalandeli bami uDisemba omuhle, ngoba i-EP izophuma ngaleyo nyanga,” kuphetha yena.

Ekugcineni, wazwakalisa ithemba lakhe lokuthi wonke umuntu okhulayo nosafuna ukuvelela, kungakhathaliseki ukuthi ungowasiphi isizwe, kufanele asebenze ngokuzikhandla ukuze akhe ikusasa lesizwe.