Umculi we-Afro-Pop uTX Tayiso uza ngamandla
- NguJerome Thabethe
Iciko lesifazane elikhulayo, u-TX Tayiso, lenza amagagasi embonini yomculo, futhi likhombisa ithalente elimangalisayo naphezu kokuba liselisha.
Isiqgisethu ihlale phansi naye ukuze sithole kabanzi ngohambo lwakhe nomthelela wakhe okhulayo emculweni.
Le ntokazi ogama layo lasenculweni nguTX Tayiso, yazalelwa eThekwini — kanti igama layo langempela nguThabisile Shange — odabuka Elovu.
Uqale ukungena emculweni ngo-2006 ngaphambi kokuthatha ikhefu, futhi manje usebuyile ngokusemthethweni, ezethula kabusha ngomculo omusha nothando oluvuselelwe ngo-2024.
Waziwa ngokuguquguquka, uTX Tayiso uyenqaba ukuzichaza njengomculi wohlobo olulodwa lomculo.
Nakuba egxile kakhulu kwi-Afro-pop, uyacula ngokuzethemba iHouse, uMaskandi, nezinye izinhlobo.
“Ngeke ngichaze umsindo wami ngohlobo olulodwa nje,” kusho le ntokazi ngokuziqhenya.
U-TX Tayiso uqalise kabusha umsebenzi wakhe ngengoma ethi “Thandolwami”, ayifake ezinkundleni zokuxhumana.
Usekhiphe ezinye izingoma ezine nazo ezisezinkundleni zokuxhumana futhi usededele ne-EP yakhe entsha enezingoma ezintahu esihloko esithi “Isiqalo”.
ILe EP incike kakhulu kwi-Afro-pop futhi ihlanganisa izingoma ezivelele ezifana nalezi:
- Owami lomuntu
- Aphelile
U-TX Tayiso uqopha umculo wakhe eRedline Music Studio futhi wenza kokubili amazwi akhe aphambili nasekeyo — okuyinto esiyivelakancane ikakhulukazi kubaculi abasha.
Kwi-EP yakhe yakamuva, nokho, usebenzisane nabanye abaculi oNandos no-DJ Blesser.
Esiteji, uTX Tayiso usezakhele i-CV ehlaba umxhwele, ecula ezindaweni okubalwa kuzo iMaqaqa Lounge, iLiquid Night, i-750 Lounge, neKwaGovoh Chillas Lifestyle.
U-TX Tayiso ukhuthaza abaculi abasafufusa ukuthi bathembele kwinqubo futhi bagweme izindlela ezinqamulelayo.
Uxwayisa ‘ngokugwaza’ athi uyaye abone abanye bekhokha ukuze basheshe bathole udumo noma ukuqashwa emicimbini.
“Indlela eya empumelelweni ihlezi inzima,” kusho yena. “Kufanele wamukele lokho okudaliwe ukuthi kuzokwenzeka. Uma kungenzeki, kufanele wamukele.”
OLUNYE UDABA: U-Amanda Khomo akagcini ngokulingisa, ungumbhali nomsakazi
Ngokuzimisela kwakhe, ithalente, kanye nekhathalogi ekhulayo, uTX Tayiso uqopha indawo yakhe emculweni waseNingizimu Afrika — futhi usaya kude.

