EzemisakazoEzintsha

OweGagasi FM uqokelwe indondo ephezulu

Umaqhuzu weGagasi FM, uMinenhle Dlamini, uqokwe ezindondweni ezihlonishwayo iBroadcast Media Awards – Southern Africa 2025.

Lokhu kuqokwa kwakhe kuqinisa indawo yakhe njengomunye wabaholi bemithombo yezindaba abaphezulu esifundeni. 

UMinenhle Dlamini ungumqondisi ophethe iGagasi FM kanti usaqhubeka nokwenza amagagasi emsakazweni kanti uqokwe emkhakheni weFemale Media Executive of the Year.

Le miklomelo iwukuhlonishwa okubungaza umbono, ubuholi, knomthelela ekubumbeni ikusasa lemithombo yezindaba yase-Afrika.

Kule ndondo uqokwe nosondonzima bezwekazi okubalwa kubo uMenen Agegnehu weSES (Ethiopia), uMary Lusiba weBBC (Kenya), noVictoria Ruzvidzo weThe Herald (Zimbabwe).

Ama-Broadcast Media Awards agubha ukusebenza kahle nokuqanjwa okusha kuzo zonke izinkundla zokusakaza nezedijithali.

Agqamisa abantu nezinhlangano eziguqula indlela yokusebenza yabezindaba eNingizimu ye-Afrika.

KuMinenhle Dlamini, lokhu kuqokwa kungaphezu nje kokunconywa komsebenzi wakhe siqu — kodwa kuwubonakala kokukhula kweGagasi FM. 

Abaphumelele bazomenyezelwa emcimbini ozoba ngasekupheleni kwalo nyaka, lapho ezobheka ukuletha ekhaya enye ingqophamlando emsakazweni waseNingizimu Afrika.