UNomndayi uzicabela indlela yakhe, akabheke ‘kuphushwa’
- Ibhalwe nguJerome Thabethe
Isigqi siyashintsha, futhi abaculi abasebasha abahambisana nejubane yilabo abakuqondayo ukuphithizela nesimo sesimanje.
Ohamba phambili kuleli cala uNomndayi, isihlabani esisha se-Afro Pop esizakhela igama ngokushesha embonini yomculo — futhi uzakhela owakhe umzila.
UNomndayi, ogama lakhe langempela nguSiyanda Msomi, udabuka eNanda, Emzomusha, Area D.
Uhlale phansi neSiqgisethu ukuze asixoxele ngohambo lwakhe olubhebhezelwa umlilo awuzwa ngaphakathi kuye, owaqala kudala ngaphambi kokuba abe ngusaziwayo emculweni.
“Ngaqala ukucula ngo-2018,” usho kanje uNomndayi, izwi lakhe liveza ukuzethemba okuthulile kwendoda eyaziyp indlela yayo.
Nakuba abaculi abaningi abasafufusa bebheka ngaphandle ukuze bathole ugqozi, uNomndayi uthi yena olwakhe luphuma kuye ngaphakathi.
“Akekho umuntu othize engibukela kuye emculweni, kodwa kuwumuzwa osuka ngaphakathi kimi — kwenzeka ngokwemvelo, njengobizo, umculo yiwo ozikhethele mina.”
Okwenza ahluke kwabanye wukuzimela kwakhe okuqinile. Embonini lapho ‘ukuphushwa’ nokusebenzisana nabanye kuvame ukuchaza impumelelo, yena usebenza njengeciko elizimele, engasizwa muntu.
Le filosofi idlulela ohlelweni lwakhe lokuqopha, konke okwenzeka ngaphakathi eNdayination Studio yakhe.
Leli zinga lokuzanelisa limnika ukulawula okuphelele komsindo wakhe othathelwanayo we-Afro Pop.
Kusukela emsebenzini wakhe wokuqala, ‘Isfuba,’ wakha ikhathalogi ecebile, elandela ngokushesha ukukhishwa kwezingoma ezinkulu ezifana nethi ‘Iqinso,’ ‘Emlanjeni,’ ne-‘Inhlonpho.’
Lokhu kuholele ekuphikheni i-Extended Play enezingoma eziyisithupha ethi ‘Uphaphe EP,’ enezingoma ezimtoti ezifana nethi ‘NguNomndayi,’ ‘Amathafa,’ ne-‘Iskorokoro.’
Lolu luzolo lwezingoma zakhe lube selulanywa ngumnikelo wakhe wakamuva emculweni, i-albhamu enamandla enezingoma ezingu-10 enesihloko esithi ‘Ukukhanya.’
UNomndayi akalindi ukuthi aqashwe ukuyonandisa; kodwa uthatha umculo wakhe awuhambise kubantu ngokwakhe.
Uhla lwezindawo asedlale kuzo luhlaba umxhwele njengoba eseke wabonakala emicimbini emikhulu efana ne-Emthunzini Music Festival kanye neKhuphuka Music Festival.
Useke wacula nasezindaweni ezifana neBat Centre nasemgubhweni wosuku lokuzalwa lwamaQwabe Twins.
Ngaphezu kwalokho, usehambise umculo wakhe nakwamanye amazwe njengoba eseke wadlala naseSwatini.
UNomndayi uveze ukuthi uvamise ukuzihlelela yena eminye yale micimbi adlala kuyo — okuwuphawu olucacile lwendlela yakhe ehlukile yokucabanga.
OLUNYE UDABA: UZama ukhrosha amaphupho akhe abe wumkhiqizo wemfashini
Usebenzisa yonke inkundla ekhona, eqinisekisa ukuthi umculo wakhe uthola ukudlalwa emisakazweni ngenkathi egcizelela lapho ezuza khona umfutho: izinkundla zokuxhumana.
Yile nhlanganisela enamandla yomsebenzi ongakhathali, ukuzethemba, kanye nesu lesimanje, ledijithali lokuqala eliqhubekisele phambili lo mculi la ekhona manje.

