EzintshaIsikoIsintu

Isintu sithi… ngabe okunye sekumele kushintshwe? 

Ngisanda kuhlangana nomunye umbhalo ezinkundleni zokuxhumana la obhelalile ethe uhlanza amaqiniso ngezinseko zesintu sakwaZulu. 

Khona akubhalile kuyezwakala impela, futhi kunzima ukukuphikisa. Kodwa abanye bakhala ngokuthi ezinye zazo kumele zishintshe ukuze zihambisane nesimo sempilo yamanje.

Bathi ezinye izinto zazilunge ngesikhathi ezasungulwa ngazo ngoba zazihambisana nempilo yangaleso sikhathi, kodwa azisazwakali kahle manje. 

Isintu: Zifundele nawa lamaqiniso awabhalile athi abuhlungu ngesintu sakwaZulu:

  1. Umama wentombi akayi emshadweni wengane yakhe
  2. Ingane yakho yentombazane uma ilotsholwa ungayondlile or ungayikhulisanga awutholi twaa (lutho)
  3. Abakhongi abamemezi bebezolobola umuntu onengane (akumenyezwa esangweni)
  4. Uma wake wayiphika ingane wabuye wayivuma, kumele uyigeze ngembuzi
  5. Inkosi yesigodi ayiwuhambi umngcwabo ongekho emndenini wayo
  6. Inkomo kamama awuyikhokhi uma ungayazi. Isisekelo salowo mshado kuba ngamanga zisuka nje uma uyikhokhile
  7. Ubaba womfana akangeni elawini lomfana, uma ngaphandle ambize
  8. Awumngeni umfazi womfowenu oshonile ungenaye owakho futhi izingane ozizala kuye akuzona ezakho ngezikamfowenu
  9. Ivezandlebe umuntu osuke ezaleke unina eseshadile kodwa yena engasiye owalapho kushadele khona unina. Unina usuke ephingile.
  10. Umlanjwana akuyona inhlamba. Yigama elisho umshana ozalwe unina engaganile 
  11. Inkukhu ayiwenzi umsebenzi kodwa eyokushweleza noma ukwehlisa ulaka
  12. Uma ushade umshado wesilungu (white wedding) kwaZulu noma ngokwesintu uyafana nje nomuntu okipitile
  13. Akulona ihlazo ukuthathwa indoda uma ngabe yayiganwe udadewenu wadlula emhlabeni. Ngokwesintu kuthiwa uyovusa amabele
  14. Umuntu wesifazane akayishisi impepho kodwa uhlala ngasensikeni, akhulume ehlezi khona. Angacela ngisho umzukulu womfana amushisele imphepho bese ekhuluma ekude nakhona. Kumele akhulume abhekise endodeni yakhe engasekho kube yiyona ehlanganisa umndeni ngale.
  15. Umuntu wesifazane akangeni esibayeni sakomunye umuzi
  16. Umfazi kantanga wakho akaxhawulwa futhi akahagwa – awumangi
  17. Uma uganwe umuntu onengane yabe seyizohlala kini, iyabikwa emsamo
  18. Uma usonta ungowesifazane, uma sewushadile uyaliyeka isonto lakho ulandele elakubo kwendoda.
  19. Igama elithi unyoko noma uyihlo aliyona inhlamba 
  20. Umuntu wesifazne akazigundi zonke izinwele ekhanda (chiskop) uma indoda yakhe isaphila. Inhloko, isicholo oma inkehli kufakwa ngumuntu oshadile kuphela. 
  1. Amanzi awakhiwa ebusuku.
  2. Uma uphethe amanzi awudabuli phakathi nemfuyo.
  3. Umshanelo waphandle awushaneli endlini.