Lingene kwezwakala Ibhinca Elingazinyezi kuMaskanda
NguJerome Thabethe
Umculi kaMaskanda wesifazane osemncane futhi osemusha kulo mculo, Ibhinca Elingazinyezi usefike kwezwakala futhi ubukeka eya kude kule ndima.
Ikhuluma neSigqi Sethu, le ntokazi ezibiza ngeBhinca Elingazinyezi emculweni ithi izinze eSoweto eGoli, la efike khona ngokuyozama amatoho.
“Ekhaya la engidabuka khona kuseMsinga esigodini saseNhlanhleni ngaphansi kwenkosi uMajozi,” kusho Ibhinca Elingazenyezi, ogama lakhe lokuzalwa uNonkululeko Myeza.
“Ukucula ngiqale kuwona lo nyaka ukuzimela. Phambilini kade ngiyigidangoma kusukela ngo-2020.
“Iqembu ebingikulo Othulubheke VIP. Leli qembu laliholwa uVelesiwe Mkhize owayecula kuMatshitshi Amhlophe.
“Ngiqale ngengoma esihloko sithi Sibiziwe thina etholakala ezinkundleni zokuxhumana zomculo.
“Ngabe sengibona kungcono ngenze icwecwe, ngaphuma nelinesihloko esithi Akukho Nqgwele la elinezingoma ezingu-10.”
Indlela anekhono ngayo uthi akadinganga abantu abazomlekelela ngesikhathi erekhoda leli cwecwe lakhe.
“Ngicula phambili ezingomeni zami, akekho olekelelayo. Umuntu oboye angisize udadawethu uLihle naye usezingomeni ezimbalwa. Izingoma zami ngiziqopha eGMZ Studio.”
Uthi ukhule elalela abaculi abahlukene okukhona kubo nabangasekho oVuyo Mokoena noDeborah Fraser.
“Izindawo esengike ngadlala kuzo kubalwa eJabulani emaflethini, eMzimhlophe, eJeppe Park, eJama Lifestyle nakwezinye izindawo ezahlukene.
“Abaculi engikhule ngithanda izingoma zabo Amageza Amahle, uBonakele, uVuyo Mokoena noDeborah Fraser.”
Ubonge izinsizwa ezimbili athi usuka kude nazo – uSonkinga Zulu uBushekesheke Shezi – athi zibe nesandla ekukhuleni kwakhe emculweni.
“Anginayo imenenja, kepha ngiye ngisizwe umfowethu uSonkinga Zulu, esisuka kude naye, nasemaqenjini engingikuwo wayekhona.
“Bese kuba uBushekesheke Shezi naye udlala indima enkulu. Uyangiqapha uma ngiya emidlalweni noma ngiyoqopha.
OLUNYE UDABA: Uthisha usebenzisa umsakazo ukuvundulula amaciko
Esephetha, ukhuthaze bonke abafisa ukungena emculweni ukuthi akulula.
“Kumele uqaphele ikakhulukazi uma ungowesifazane. Abanye abantu bazenza abazokusiza kanti beze ngezinye izinhloso,” usho kanje.

