Uza ngamandla kuMaskandi uMphuculu weDixa
NguJerome Thabethe
Ukhula ngamandla futhi usezakhele ugazi kubalandeli umculi kaMaskandi owaziwa ngelikaMphuculi weDixa.
Lo mculi, igama lakhe langempela uMandla Madikizela kanti ngokudabuka ungowaseMbizane, e-Eastern Cape.
Isigodi aphuma kuso kuseMngazi. Uthi uthando lomculo lwaqala esafunda isikole.
“Ngikhule ngithanda futhi ngilandela uMfazomnyama, noMgqumeni asebadlula emhlabeni,” kusho le nsizwa.
Uthando lwalo mculo aluzange luphele kuye noma esephumile emakhaya eseseGoli la afuundela khona ukulungisa ugesi (Electrical Engineering).
“Uthando aluzange luphele. Isifiso sokuba wumculi besilokhu sisikhulu,” kuqhuba yena.
“Ngenhlanhla ngathola ithuba lokusebenzisana nomculi uMasaladi.”
UMasaladi ungomunye wabaculi ababedumile kodwa ngeshwa asebashona.
“Nguye owangiqeqesha, nginguMphuculi weDixa nje nguye owangifundisa konke ngomculo.”
Nokho izinto zakhe azisheshanga ukukhanya kwezomculo. Kuze kwaqala ukubonakala phamnbili ngo-2020.
Ukhiphe icwecwe elisihloko sithi Bathi ngizenza uMasaladi.
“Kwaba yilapho ke engaqala khona ukwazima endimini yezomculo kamskanda,” kuchaza yena.
Ezinye zezingoma asazikhipha, ngethi Mfazomnyama, Bagibeze ebhasini, Ungangintinti.
“Ziningi zona, zikuma CD ahlukene, ngizikhiphe iminyaka ilandelana,” kuqhuba uMphuculi weDixa.
“Kulo nyaka ka-2025 ngikhiphe i-EP enezingoma ezinhlanu, iza kahle kakhulu ezinkundleni okudayiswa kuzo umculo.”
Uthe lezi zingoma uziqophele yena lapho ehlala khona eMarikana. Unesitudiyo sakhe, iRush Hour Music Studios.

