EzintshaUmabonakude

Ifu elimnyama eNingizimu Afrika kushona uPresley Chweneyagae

Lo mlingisi ushone ngomhla ka-27 kuNhlaba ka-2025 eneminyaka engu-40 ubudala. Akukacaci ukuthi udliwe yini.

UChweneyagae wazalwa ngomjla ka-19 kuMfumfu ka-1984 eMafikeng, eNorth West, kanti waduma kakhulu ngendawo ephambili ayidlala kwifilimu iTsotsi.

Le filimu eyawina i-Oscar Awards ka-2005 yadonsa amehlo omhlaba wonke. Yanqoba indondo yeBest Foreign Language Film. 

Lokhu kwaqinisa indawo kaPresley Chweneyagae endimeni yezokulingisa namafilimu kuleli nasemhlabeni jikelele. 

Uninna wake waveza ukuthi wamqamba ngokuthi uPresley ethathela egameni lomculi ayemthanda, u-Elvis Presley waseMelika.

Ngale kweTsotsi, uPresley Chweneyagae ulingise kumafilimu ambalwa anomthelela okubalwa kuwo i-More Than Just a Game ne-Africa United.

Muva nje udume kakhulu ngendanwo kaHelp “Cobra” Mokoena abeyilingisa emdlalweni kamabonakude odumile eNingizimu Afrika i-The River

Umsebenzi wakhe wokugcina wokulingisa bekuwuchungechungeni obelusakazwa kwiMzansi Magic iCobrizi.

Uke wabonakala nakweminye imidlalo eminingi kamabonakude okuhlanganisa iSolomon Mahlangu, la aqhubeka khona nokukhombisa ikhono lokulingisa. 

Abangane, abalandeli, nozakwabo bazwakalise ukudabuka okukhulu ngokudlula kwakhe emhlabeni.

Bamkhumbula njengomlingisi onothando, onekhono nowakhuthaza inqwaba yentsha yaseNingizimu Afrika ngokulingisa kwakhe.

Ukuhlolwa kwesidumbu kulindeleke ukuthi kwenziwe maduze ukuze kutholakale imbangela yokufa kwakhe.

Igalelo likaPresley Chweneyagae kwezamafilimu nomabonakude eNingizimu Afrika lijulile futhi lizohlala likhumbuleka isikhathi eside. 

Ushiya ifa elisazoqhubeka nokukhuthaza abanye abeza ngemuva kwakhe. Enga umphefumulo wakhe ungathpla ukuphumula.