UBig Zulu weseka uMayoghurt ochwenswe engenze lutho
Omunye wabaculi abanesigqi, nabahlonishwayo kuleli, uBig Zulu usephumele obala waveza ukweseka kwakhe umculi kaMaskandi uMayoghurt.
Lo mculi ophila nokukhubazeka kokuba mfishane, uchwenswe uZanefa Ngidi osole ukuthi uyenzelelwa uma eqashwa emicimbini.
Ekhuluma kwenye yamaPodcast kaMaskandi, uNgidi ushiwe angalazi ngoMayoghurt, ethi akakwazi nhlobo ukucula futhi akazi usaqashelwani.
“Abahleli bemicimbi bathatha imali bayodabukela lesi sidalwa lesi esiwuMayoghurt ekubeni sikhona thina sicula.
“Bamdabukela ngoba ekhubazekile loya mjita,” kusho uNgidi.
Naye ke uNgidi ube esentinyelwa ezinkundleni zokuxhumana, abaningi bemsola ngomona nokunyundela abanye.
Umsakazi woKhozi FM, uTshatha Ngobe naye uyihlabile le nkulumo kaNgidi, ethi akakhulumisanga okomuntu ohlakaniphile nokhulile.
“Akahloniphi lo mjita,” kuphendula uNgobe esho uNgidi. “Ukhulumisa okwesiphukuphuku nje ebe emdala.
“Lo osinekayo ke yena unginyanyisa kakhulu (esho olawula lw Podcast). Angazi nje ukuthi yini ehlekisayo lapha.
Nina niyeyisa nje umthetho wenu,” kuqhuba uTshatha ekhombisa ukudineka kwakhe ngalento.
UMayoghurt uzakhele udumo ngonyaka odlule ngesikhathi efika ngamawala endimeni kaMaskandi.
Enye yezingoma adume ngazo ithi ‘Ibhinca lami’ kanti ithakaselwe abantu abaningi ezinkundleni zokuxhumana ikakhulukazi kwiTik-Tok.
UBig Zulu, wodumo lwengoma ethi ‘Imali eningi’ ube ngowokuqala kosaziwayo nabaculi ukuphumela obala eseke uMayoghurt ngemuva kwalesi sigameko.
Inkabi, okuyigama uBig Zulu adume ngalo, ufake isithombe sikaMayoghurt kuFacebook wakhe, qede wamncoma.
“Ay iqhwakele esihlalweni inkabi yami madoda. Suka! Thula tu Nkabiyam’ ungasaphenduli qobo.
“Izibusiso zivela kuMdali, futhi sikhona thina sizokweseka njalo,” ubhale kanje lo mculi weRap.

