EzintshaUmabonakude

Ubuya ngesivuthevuthe uGaosi Raditholo kumabonakude 

UGaosi Raditholo usebuyile kumabonakude nomdlalo omusha okubhekwe ukuthi ushise izikhotha. 

Lo ntokazi enhle enguMtswana, yaziwa kakhulu ngendawo eyayilingisa kwiThe River, kanti isizakhele igama elihle kulo mkhakha wokulingisa.

UGaosi Raditholo waqala ukulingisa eminyakeni eyisikhombisa edlule kwiKeeping Score eyayidlala kuSABC 2. 

Kusukela lapho, usebonakale kweminye imidlalo kamabonakude eminingi okukhona kuyo iGomora, iMuvhango, iThe Hot Zone, iVagrant Queen, neminye.

Ekuqaleni kwalo nyaka, waveza izifiso zakhe zonyaka, waphinde waveza injabulo yakhe ngamathuba amasha eza nawo. 

“Into engiyithandayo ngonyaka omusha ukuthi uletha amathuba amasha,” wabhala kanje ku-Instagram.

Ukukholelwa kwakhe emaphusheni akhe sekuqalile kuyathela izithelo ezinhle. Kumanje uzodlala kwiGenesis, umdlalo omusha ozkhonjiswa kuMzansi Magic.

IGenesis iwuchungechunge olugxile emculweni wezenkolo nezigigaba ezihambisana nawo.