URonnie Nyakale uphawula ngomsebenzi wakhe wokushayela
Umlingisi uRonnie Nyakale, owaziwa ngokudlala indawo kaSizwe kwiHouse of Zwide, uti uyawuthokozela umsebenzi wakhe wokushayela izimoto zokuthutha abantu.
Uthi lokhu kusebenza nagabantu sekumvule amehlo futhi kumnika imfudumalo empilweni yakhe.
URonnie Nyakale ungumlingisi osemnkantshubomvu futhi useke walingisa kwiGenerations: The Legacy, iYizo Yizo, iBlood Diamond, neJerusalem.
Ngonyaka odlule, ividiyo eyaqoshwa ngomunye umgibeli wakhe yamangaza futhi yathusa abaningi ababezitshela ukuthi usewile.
Kodwa yena uthi uyakujabulela ukuhlangana nabantu abahlukene nokubona izindawo ezintsha okuhambisana nalo msebenzi.
“Ubona zombili izindawo zikanokusho nemigwaqo yasemalokishini emagebhugebhu,” kushe yena kwabeSowetan.
Ukhuthaza abanye ukuthi bathathe lo msebenzi, ethi abantu baseNingizimu Afrika akufanele bakhathazeke ngalokho abanye abakucabangayo.
“Ukuzazisa kuvimba abantu ukuthi bangaphumeleli,” kwengeza lo mlingisi.
“Kungcono ukuba nezindlela eziningi zokwenza imali kunokuswela imali.”
URonnie Nyakale waqala ukushayela eminyakeni emihlanu edlule ukuze athole imali eyengeziwe.
“Ngisebenzisa imali yami yokulingisa ukufeza izidingo zomndeni wami. Imali yokushayela ngigcina ngayo izidongo zami.”
Manje uhlela ukuvula imakethe yezithelo nemifino. Naphezu kokudlala izindawo zabantu abanolaka kumabonakude, uthi ukubuyela ekulingiseni bekungelula.
“Usuku lwami lokuqala kwiHouse of Zwide lwalunzima,” kuvuma yena. “Ngase ngisebenze iminyaka engu-10 futhi sengijwayele kwiGenerations.
“Kodwa ngizikhumbuze ukuthi ngaqala ukulingisa eminyakeni engamashumi amabili edlule, futhi lokho kwasiza.”
Ukulinganisa nokushayela kunzima, kodwa yena ungumuntu ozithobile, oziphilela impilo ejwayelekile.
“Anginandaba nodumo,” kusho yena. “Ngezinsuku zokuphumula, ngizithenga iziphuzo endaweni yokucima ukoma yasendaweni bese ngizipholela nabangane ekhaya.”
URonnie Nyakale ungubufakazi bokuthi awukho umsebenzi omncane. Indaba yakhe iyisifundo sokuthobeka, ukusebenza kanzima, nokufuna ukuzimela.