EzintshaOsaziwayo

U-DJ Black Coffee kwathenga iRoyal AM

Leli qembu kuthiwa lihehe abayisithupha abafisa ukulithenga ngemuva kokufakwa endalini yiSouth African Revenue Service (Sars). 

Umnqamulajuqu wezicelo uvalwe ngoLwesihlanu, kanti umdayisi uJaco Venter kumanje usebuyekeza izincwadi eziyisithupha zezicelo zokuthengiselwa.

Kunesicelo esisodwa okubikwa ukuthi sibeke etafuleni u-R20 million ukuze abasifakile bathole le kilabhu. 

Inkampani eholwa yilowo owayeyikhulu seSuperSport United uDavid “Mazolman” Skosana nosomabhizinisi uJoe “Ferrari” Sibanyoni nayo ikwabanye abafake izicelo. 

Kuthiwa labo somabhizinisi bahlela ukuthuthela leli qembu KwaNdebele, eMpumalanga ngesizini ezayo uma bephumelele ukuyithenga.

U-DJ Black Coffee kunamahlebezi okuthi naye uphakathi kulabo abafake izicelo zokuthengiselwa le kilabhu. 

Khonamanjalo, uNgqongqoshe wezeMidlalo uGayton McKenzie yena ufisa ibuyele eBloemfontein. 

Kubikwa ukuthi usezingxoxweni nabatshalizimali baseGreece abafuna ukuthenga le kilabhu bese beyibuyisela khona. 

Esinye isicelo kuthiwa sivela ngaphandle kweNingizimu Afrika. Kunosomabhizinisi waseDemocratic Republic of the Congo okuthiwa unentshisekelo yokuthenga le kilabhu ecwile ezikweletini.

Icwile ezikwelwetini iRoyal AM

IRoyal AM yafakwa ngaphansi kokuphathwa wumlawuli weSars ngemuva kokuthi umnikazi wayo uShauwn “MaMkhize” Mkhize ehlulekile ukukhokha isikweletu sentela sika-R40 million. 

Leli qembu limiswe yiPSL ngoJanuwari ngenxa yokuphuthelwa yimidlalo yeligi neyezinkomishi. Njengamanje lihlezi emsileni kwilogi yeBetway Premiership njengoba isamile nje ekudlaleni.

Kuvela ukuthi abanye abebezimisele ukuthenga le kilabhu bahleliswe wuhide lwezikweletu okuzomele bazamukele uma beyithenga. 

Leli qembu kumanje linecala elisenkantolo elifakwe yiDA ngoxhaso luka-R27 million oluvela kuMasipala waseMsunduzi. 

Cishe isibalelwa ku-R9 million imali esifakwe kule kilabhu kanti i-DA ifuna ibuyiselwe kumasipala yonke.

Kunamaholo, izimali zokusayina nezinye izindleko okuthiwa zihambisana nokuthengwa kwale kilabhu. IRoyal AM isakweleta umgadli uSamir Nurkovic u-R15 million, kanti kusenenye imali ekweletwa abanye abadlali abane.

Kukhona nesigwebo seFifa esivimbela leli qembu ukusayina abadlali kanti naso sengeza ezinkingeni zalo. 

Kuthiwa labo abafunga ukuthenga iRoyal AM bafuna ukwazi ngokugcwele zonke izikweletu ngaphambi kokuphothula noma yisiphi isivumelwano. 

Ikusasa leRoyal AM njengamanje alicacile njengoba kusaxazululwa le ndaba yezikweletu zayo okuzomele oyithengayo azamukele futhi azikhokhe ngaphezu kwemali azoyithenga ngayo.