EzintshaUmabonakude

Kulimale oyedwa kusha la kuqoshelwa i-Skeem Saam

Lo mlilo uqubuke eSasani Studios eGoli ngoMsombuluko ntambama la kuqoshelwa khona i-Skeem Saam.

Lesi sigameko ebesingalindelekile siphoqe abalingisi nabasebenzi ukuthi baphume ngesamagundwane.

I-Skeem Saam ingomunye wemidlalo ewuchungechunge edume kakhulu eNingizimu Afrika. 

Iqale ukukhonjiswa kuSABC 1 ngo-2011 kanti isiyintandokazi kubabukeli bakamabonakude kuleli.

Lo mbukiso ulandela izimpilo zabantu abasha zobudlelwano bezothando, imisebenzi, nezingqinamba ezibhekana nabantu ngesikhathi bekhula. 

Kubalingisi ibophele oHungani Ndlovu, uClement Maosa, uMogau Motlhatswi, no-Eric Macheru phakathi kwabanye.

Imbangela yomlilo ayikaziwa. Kuvela ukuthi kubonakale ngelangabi nje, kwabe sekukhishwa isexwayiso sokuthi akubalekwe.

Ngokusho kweSABC, abalingisi ababili bathole imihuzuko kodwa basheshe bathola usizo lokwelashwa. 

Isikhulu sezokuxhumana kwaSABC uMmoni Ngubane usiqinisekisile lesi sigameko.

“I-SABC iyakuqinisekisa ukuthi kuqubuke umlilo eSasani Studios la kuqoshelwa khona i-Skeem Saam.

“Lokhu kuholele ekutheni abasebenzi ababili balimale balaliswe esibhedlela,” kusho uNgubane.

Lo mlilo udale umonakalo omkhulu, imibiko iphakamisa ukulahlekelwa okubiza izinkulungwane zamarandi emishinini. 

Nokho, ukuhlola okugcwele komonakalo kusaqhubeka futhi kuzokwaziswa umphakathi ngokuhamba kwesikhathi.

I-SABC idlulisele izilokotho ezinhle kubasebenzi abalimele, ibafisela ukuthi balulame ngokushesha. 

Naphezu kwalokhu kuphazamiseka, lo mdlalo usalokhu ungothandwayo, futhi abalandeli banethemba lokuthi ukukhiqizwa kuzoqhubeka maduze.