Usolwa ngohubhu uLaConco ngokuhlangana noZuma
UNonkanyiso Conco, odume ngelika-LaConco, usanda kuphumela obala ngokuhlangana kwakhe okokuqala nowayengumengameli uJacob Zuma.
Le ntokazi, enengane noZuma, ivule isifuna ngokuhlangana kwayo naye kwiPodcast yayo, iTimeline with LaConco.
Uthe wahlangana noZuma emcimbini wamasiko owawuseGreytown ngesikhathi esengumengameli.
ULaConco ulandise ukuthi wasala ngemuva kulandela ukuthi izimoto ababehamba ngazo zimshiyile.
Uthe lokhu kwaholela ekutheni azithole esehlezi eduze kukaZuma etendeni kulo mcimbi.
Ngokusho kwakhe, uZuma wakhangwa wukuba khona kwakhe wakhombisa ukumthakasela ngemuva kokuzwa ukuthi uyiqhikiza.
Nokho uDkt Nomagugu Ngobese ongungoti kwezamasiko futhi owayephethe ithimba okwakukhona kulo uLaConco uyakuphika lokhu.
UNgobese uphika okushiwo u-LaConco ngobuqhikiza
UNgobese ugcizelela ukuthi uLaConco akakaze abe ngumholi wezintombi.
“Wayengomunye wezintombi zenhlangano yethu eMgungundlovu,” kusho uNgobese kwiSunday World.
“Iqhikiza langempela kumele libe seminyakeni yokuthi selingashada noma nini.
“Futhi kube ngumuntu osethule ingoduso yakhe ngokusemthethweni. ULaConco akakaze akwenze lokho.”
Uphinde wakuphika ukuthi uLaConco washiywa ngemuva, wathi ezokuthutha zazihlelelwe zonke izintombi.
Izinsolo zokungahloniphi isiko
UNgobese ugxeke uLaConco, wathi amanga akhe alimaza isithunzi senhlangano futhi angase adukise izintombi.
“Ubeka isibonelo esibi,” kwengeza uNgobese.
Lento eshiwo yile ntokazi isidale inkulumompikiswano esabalele ezinkundleni zokuxhumana.
Abaningi baveza ukubungabaza ubuqiniso bokwenzeka ngokulandisa kukaLaConco.
Kule Podcast yakhe, u-LaConco uveze ukuthi ngemuva kokuba uZuma embonile esetendeni, wacela ukushutha naye, wabe esethatha nenombolo yakhe yocingo.
Uqhube wathi wamfonela ephesheya, emncoma ethi uyithathile inhliziyo yakhe.
- FUNDA NALA | Ubuya nesivuthevuthe uShaka iLembe kuMzansi Magic
Yena ngaleso sikhathi uthi wayengazi nakwazi ukuthi uZuma ungumengameli, ngoba wazethula ngensizwa yasenkandla nje.