Uchaze abaningi uMbuyiseni Ndlozi engena kwezokusakaza
UMbuyiseni Ndlozi waziwa ngobugagu, ubuhlakani kanye nokuba ngumuntu ongazibeki kalula.
Kungakhathaliseki ukuthi ukwezombusazwe noma ekukhulumeni esidlangalaleni, unendlela yokwenza ukuthi alaleleke.
NgoMsombuluko, kaMashi 3, ufike nalowo mdlandla ku-PowerTalk yePower FM, lapho abeqala khona njengomphathi omusha wohlelo.
I-PowerTalk idlala phakathi nesonto kusukela ngo-9 ekuseni kuya ku-12 emini, futhi izingxoxo zakhe ezinokuqonda sezivele zibathathile balaleli.
UMbuyiseni Ndlozi, owake waba ngumkhulumeli we-Economic Freedom Fighters (EFF), wazakhela igama ePhalamende ngezinkulumo mpikiswano ezibukhali nokuzikhulumela ngokungesabi.
Uhlonishwa nangezwi lakhe elicebile lokucula, kanti ubevame ukuhola izingoma zomzabalazo ezivusa usinga futhi zihlanganise izixuku.
Ngehora lakhe lokuqala esemoyeni, uMbuyiseni Ndlozi uvumile ukuthi unovalo kodwa ujabule ngalolu hambo olusha.
Ngokushesha ube esezinza, wahlaba abalaleli umxhwele ngemfudumalo nobuhlakani bakhe.
Isihloko sakhe sokuqala? Kube wumkhuleko walabo abakhahlanyezwe yizikhukhula e-KZN.
Lokhu kukhombise uzwelo nokuxhumana okujulile nabantu. Abalaleli bakujabulele ukuba khona kwakhe.
Omunye ubeke kanje ngaye, “Silindele okwengeziwe kuwe! Leli zwe libhekene nezinselelo eziningi…
“Sethemba ukuthi lezi zingxoxo zizofinyelela kubantu abafanele.” Ngisho noRobert Marawa umncomile ngemuva kohlelo lwakhe lokuqala.
Kamuva uNdlozi waya ku-X (owayekade eyi-Twitter) eyobonga abalaleli bakhe ngokumeseka.
Ngesizinda sakhe sezombangazwe, ithalente lokukhuluma, nokuqonda okujulile kwezindaba zomphakathi, uhambo lwakhe njengomsakazi luqale kahle.
- FUNDA NALA | Usolwa ngohubhu uLaConco ngokuhlangana noZuma
Abalaleli bazobheka ukuba ayibambe ngalo mgqigqo omuhle aqale ngawo, futhi abafundise ngesikhathi ebabikela ngokwenzeka ezweni nasemhlabeni jikelele.
IPower FM yisiteshi sezindaba nezingxoxo ezehlukene ngezinto ezithinta abantu baseNingizimu Afrika yonkana.