UPabi Cooper ugubhe usuku lokuzalwa ngesitayela
Umzwilili waMapiano uPabi Cooper ujabule kakhulu njengoba egubha usuku lwakhe lokuzalwa, ehlanganisa iminyaka engu-24 ngoLwesithathu.
Lo mculi nomdansi ungene ku-Instagram, wafaka izithombe zakhe ezinhle ephethe izimbali ezibomvu futhi enyathela nekhekhe, egubha lolu suku ngesitayela.
Ube esefaka umbhalo ophelezele lezi zithombe, wathi: “Omunye unyaka ngijikeleza nelanga. Leli zwi selihlanganise iminyaka engu-24.”
Abalandeli nabangane bakhe embonini yomculo babe sebengena nabo bephawula futhi bemfisela usuku lokuzalwa olugcwele izibusiso nezinto ezinhle.
Phakathi kwabo kube khona uFocalistic, owabelane ngomlayezo osuka enhliziyweni khona ku-Instagram.
Ubhale wathi: “Usuku oluhle lokuzalwa @cooperpabi. Siyabonga ngokuba ukukhanya. Ungalokothi uyeke ukumamatheka.”
U-Pabi Cooper waqala ukuduma ngengoma yakhe eyashisa izikhotha ethi “Isphithithi”, eyamqinisekisa njengesihlabani esikhulayo kuMapiano.
Kusukela lapho, uqhubekile nokwenza izimanga ngezingoma ezihamba phambili, namakhonsathi amangalisayo.
Ubuye waba nokusebenzisana okukhulu nabaculi abaphambili abafana noFelo Le Tee, Mellow & Sleazy, noReece Madlisa.
Uhambo lwakhe emculweni lwaqala ngokuthanda umdanso esakhula, kamuva lwaguqukela ekubeni umsebenzi ophumelelayo wokucula.
Ngo-2021, wasungula ilebula yakhe yokuqopha, iCooper Entertainment, eqhubeka nokufakazela ukuzibophezela kwakhe kulo mkhakha.
Njengoba engena komunye unyaka, abalandeli balindele ngabomvu izingoma ezizoshisa izikhotha.