Wazi kanjani uma uhlukunyezwa ngokocansi?
Isihloko sokuhlukunyezwa ngokocansi sesithole ukunakwa kulandela uphenyo lwamajaji ngoMengameli weJaji eWesternCape uSelby Mbenenge.
Usolwa ngokuhlukumeza ngokocansi unobhala wakhe.
UTumelo “Duke” Rasebopye weNyuvesi yasePitoli, uveze ukuthi sekunokuziphatha okuthile osekuthathwa njengokujwayelekile kube kuwukuhlukumeza ngokocansi.
Kuyini ukuhlukunyezwa ngokocansi?
Kubhekiselwa kunoma yikuphi ukuziphatha okuhambisana nocansi okungafunwa yilowo okubhekiswe kuye.
Amafomu nezibonelo
Ukuhlukumeza ngokocansi kungaba ngamazwi noma izenzo.
Izibonelo zifaka ukuncoma okungamukelekile mayelana nokubukeka noma impahla lowo ayigqokile.
Izinyathelo zezisulu
Izisulu kufanele zazise umuntu ukuthi izenzo zakhe azamukelekile.
Uma ukuziphatha kuqhubeka, izisulu kufanele zibhale izehlakalo futhi zifune usizo ehhovisi elibhekelele abasebenzi kuleyo nkampani.
Umthelela kubantu ngabanye
Ukuhlukunyezwa kungadala indawo yokusebenza engakhululekile, kunciphise nezinga lomsebenzi, futhi kuthinte inhlalakahle yomuntu siqu.
Izibopho zenkampani
Izinkampani kufanele zibe nezinqubomgomo ezicacile mayelana nokuhlukumeza.
Imikhankaso yokuqwashisa njalo nezinkundla zokucobelelana ngolwazi zibalulekile ukuze kufundiswe abasebenzi ngokuziphatha okwamukelekile nokweseka izisulu ngempumelelo.
- Le ndaba yashicilelwa okokuqala yiSowetan