UMakhadzi uxolisa ‘ngokuthuka’ izithulu kwividiyo
Umculi odumile wakuleli, uNdivhudzannyi “Makhadzi” Ralivhona usexolisile ngokudelela kwakhe abantu abayizithulu.
Lokhu kwenzeke ngemuva kokuba esuse umsindo kulandela ividiyo yengoma yakhe ethi Jealous Down.
Kule vidiyo, isiqeshana sayo esiphume kwi-TikTok uMakhadzi uzama ukukhuluma no-Andile Ngidi esebenzisa izandla.
Lokhu kudale ukukhathazeka, ikakhulukazi enkundleni yokufunda ngolimi lwezandla.
Bakhala ngokuthi le vidiyo ayiluhloniphi ulimi lwezithulu.
Umeluleki wolimi lwezandla uDieumercy Asan wachaza ukuthi kungani lesi senzo sikaMakhadzi singesihle.
Uthi ukuzama kukaMakhadzi ukusebenzisa ulimi lwezandla akuzange nje kuhlekise ngalolu limi kodwa futhi kukhuthaza nabalandeli bakhe ukuthi benze okufanayo.
“Ngokwenza lokhu, uMakhadzi akazange nje ahlekise ngolimi lwethu.
“Wafundisa abalandeli bakhe abayizigidi ukuthi lokhu kuyinto engenankinga, kanti ayemukelekile kubantu abayizithulu.
“Ulimi lwezandla lunomlando ocebile, futhi ukuhlekisa ngalo kusho ukuhlekisa ngabantu balo nemizamo yabo,” kusho u-Asan.
Kwenzeka lokhu nje uMandulo yinyanga yamaGugu esizwe kuleli, kanti emhlabeni ngeyokuqwashisa ngalolu limi.
U-Asan unxuse uMakhadzi ukuthi asebenzise udumo lwakhe ukuqwashisa ngololu limi.
Eziphendula kulokhu, uMakhadzi ukhombise ukuzisola okujulile.
Uyavuma ukuthi wenze iphutha, wathembisa ukulilungisa.
“Bekungeyona inhloso yami ukulimaza noma ubani emphakathini wezithulu.
“Njengomuntu oye wahlukunyezwa, ngiyaqonda ukuthi kubuhlungu kanjani, futhi ngiyalivuma ngokuphelele iphutha lami,” usho kanje.
UMakhadzi uphinde wacela ukuthi lesi siqeshana sevidiyo eku-TikTok sisuswe.