EzintshaUmculo

UDanger ukhala ngesisindo sokuthwala iBig Nuz 

Njengelungu eselisele lodwa, uDanger uzibophezele ekuqinisekiseni ukuthi leli qembu alishabalali.

UDanger, ogama lakhe langempela linguMzingisi Tshomela, uzizwa enengcindezi yokugcina leli qembu liphila ngemuva kokushona kozakwabo, uMandla “Mampintsha” Maphumulo noSibusiso “R Mashesha” Khomo.

“Kunzima”, kuvuma yena kwiDaily Sun. “Kuyisibopho sami ukuqinisekisa ukuthi iBig Nuz ihlala ithandwa futhi iyaqhubeka ishisa izikhotha.

“Kodwa akulula ngaphandle kukaMampintsha noR Mashesha.” 

Amazwi akhe abonisa umthwalo osindayo awuthwele.

I-Big Nuz yayakhiwe izinsizwa ezintathu futhi izakhele igama ngamanoni eKwaito neGqom, futhi ibingaconsi phansi kwabaningi. 

UMampintsha, obenguphrojusa aphinde acule, ushone ngoDisemba ka-2022 ngemuva kokushaywa isifo sohlangothi.

UR Mashesha, waxineka isikhashana eside impela, kwaze kwagcina kumnqobile ngo-2015. 

Ukufa kwabo kwashiya uDanger yedwa ukuba aqhubeke neqembu.

UDanger uyazi ukuthi ngeke akwazi ukuthatha izindawo zalaba balingani bakhe abangasekho.

“Babeneziphiwo eziyingqayizivele. Babedlala izindima ezihlukile, ngakho angikwazi ukuvala isikhala sabo,” kuqhuba yena.

Amazwi akhe abonisa isibopho esijulile ababenaso, hhayi nje kuphela emculweni kodwa nasempilweni. 

Yize ebakhumbula ozakwabo, ngenhlanhla uDanger uthola ukududuzwa nokwesekwa kwabasondelene naye.

Ubalule uzakwabo emculweni weKwaito, uBhar, ithimba lase-Afrotainment, nabangane kulabo abamesekayo. 

Ukumesekela kwabo kuyamsiza njengoba ebhekane nenselelo yokuqhubeka neBig Nuz phambili.

Ngo-2023, uDanger wasusa umsindo ekhipha i-EP enesihloko esithi Last Man Standing.

Lesi sihloko salumela kwabaningi abambona njengomuntu ochomayo ngokuthi usele yedwa njengoba ozakwabo sebashona. 

UDanger ukucacisile nalokhu, ethi, “Abantu bakuthathe kabi. Ngangingaqhoshi. “Kwaba yisihloko nje esafika engqondweni yami”.

Naphezu kwezinselele, uDanger uzimisele ukuhlonipha abalingani bakhe beBig Nuz.

Uyazi ukuthi iBig Nuz ibaluleke kangakanani kubalandeli bayo futhi uzibophezele ekugcineni umculo wabo uphila.

Uthi ufuna ukuqinisekisa ukuthi ifa elashiywa uMampintsha noR Mashesha alifadabali.