EzintshaUmculo

Uyashuba umbango kuBabes Wodumo noDJ Kotini

Sekuqubuke umbango oshubile phakathi kwesihlabani seGqom, uBabes Wodumo noDJ Kotini. 

Bobabili bahlanganyele engomeni, benethemba lokuvuselela umsebenzi kaBabes. 

Nokho umbango wokukhishwa kwengoma usudale uqhekeko nokushuba kwesimo.

U-DJ Kotini usshicilele ividiyo ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi beqopha le ngoma, ememezela ukuthi uBabes ushaya ibuya. 

“Uyabuya,” wabhala kanje. Abalandeli bajabula ngalokhu, kodwa muva nje izinto azisahambi kahle.

Imithombo esondelene nalesi simo iveze ukuthi uBabes uyenqaba ukukhipha le ngoma, yize evumile ukusebenzisana noKotini kuyo. 

U-DJ Kotini wayemcelile ukuba azocula engomeni enesihloko esithi Nzo Nzo Nzo nomunye umculi, uMadanon. 

Kodwa-ke, ngemuva kokuzwa amandla engoma, uBabes nelebuli yakhe yokuqopha kubikwa ukuthi bavukwe ‘umhobholo’.

“Bayizwile le ngoma, base beshintsha umqondo. Manje sebefuna ukuyenza eyabo le ngoma,” kucashunwe umthombo usho kanje. 

U-DJ Kotini, okunguye owakhokhela isitudiyo la kwaqoshwa khona le ngoma, futhi wahlela yonke into, usale ekhungathekile. 

U-DJ Kotini ubehlela ukukhipha i-albhamu yakhe ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi. 

“Ukhungathekile ngoba ufuna ukuhlela iholidi lakhe, kodwa uBabes wenza kube nzima,” kwengeza umthombo. 

U-DJ Kotini waze wathembisa ukuthi bayikhiphe beyiqembu le ngoma, kodwa nalapho uBabes wanqaba. 

U-DJ Kotini ukuqinisekisile ukungaboni ngaso linye, egcizelela ukuthi le ngoma ngeyakhe, uBabes efakiwe nje kuphela. 

“Lena yingoma yami, futhi naye uyakwazi lokho,” usho kanje kwabeZiMoja. 

Uqhube wathi i-albhamu yakhe izophuma ekupheleni kukaSepthemba, kanti le ngoma ebangwayo iyingxenye yayo. 

Ngesikhathi ethintwa ukuze aphawule, uBabes Wodumo unqabile ukuphumela obala, wavele wathi, “Akukho engingakusho okwamanje.”