EzintshaOsaziwayo

Umlingisi ucacisa ‘eyokushada’ noJacob Zuma

Umlingisikazi waseNingizimu Afrika uGugu Gumede usekhulume ngamahlebezi okuthi uyashada maduze. 

Ividiyo esakazwe kuFacebook Reels ithi uzoshada ngenyanga ezayo, kanti kusetshenziswe isithombe sakhe enowayengumengameli wakuleli uJacob Zuma. 

Le video yaqubula izinkulumo zokuthi uGugu uzoba ngunkosikazi wesikhombisa kaZuma.

Nokho uGugu ukuphikile lokhu. Ube esecacisa ukuthi le vidiyo yenziwe yi-akhawunti kaFacebook eyipokloza. 

Ekhungathekile ngokusabalala kwalezi zindaba ezingamanga, uGugu ugcizelele umonakalo odalwa ama-akhawunti kaFacebook omgunyathi. 

“Nginama-akhawunti omgunyathi amaningi,” kusho yena. 

“Abantu bazenzela abakuthandayo besebenzisa igama lami, kanti bangidalela izinkinga.”

Uzwakalise ukudumala ngokuthi abantu basawakholelwa kulama-akhawunti mbumbulu, anezinkulungwane zabalandeli. 

UGugu uqinisekise abalandeli bakhe bangempela ukuthi usebenzisa izinkundla zokuxhumana kuphela ukukhangisa ngomsebenzi wakhe, hhayi izindaba zakhe zangasese. 

“Ukube bengizoshada, bengingeke ngikumemezele ezinkundleni zokuxhumana lokho,” kwengeza le ntokazi eyazakhela igama ku-Uzalo.

Ukhuthaze abalandeli bakhe ukuthi baqaphele futhi babone umehluko phakathi komsebenzi wakhe nalowo owenziwa abasebenzisa igama nezithombe zakhe.

Le ntokazi iphinde yakhuluma ngokushona kukanina, usopolitiki uZanele Magwaza-Msibi ngoSepthemba 2022, ngemuva kokuhlaselwa yisifo sohlangothi. 

Uveze obala usizi lwakhe, futhi isikhathi sale vidiyo mbumbulu sengeza ebuhlungwini bakhe.

UGugu akuyena yedwa usaziwayo obhekene nosizi lokwakhelwa ama-akhawunti angawazi ezinkundleni zokuxhumana. 

Abanye osaziwayo baseNingizimu Afrika okukhona kubo uDJ Tira, uNothando Ngcobo, noZodwa Wabantu nabo sebeke babhekana nale nkinga yama-akhawunti angombombayi.

Ukudlondlobala kokukhwabanisa kusetshenziswa amagama abo ezinkundleni zokuxhumana kusaqhubeka nokuba yinkinga enkulu kosaziwayo. 

Umlayezo kaGugu kubalandeli bakhe ucacile: Qaphela futhi ungakholelwa yonke into oyibona ku-inthanethi.