EzintshaUmabonakude

Idla ngezigemegeme ezimangazayo iGenerations: The Legacy

Izigemegeme aziphezi kwiGenerations: The Legacy futhi lo mdlalo oziqephuqephu uya ngokudlondlobala.

Izigemegeme zakamuva ezenza ababukeli bengaphuthwa yilo mdlalo ezingoMpho olingiswa nguJunior Oliphant.

UMpho ucwile wavela ngezindlebe ezikweletini kanti usenokuthatha izinqumo eziyingozi nezibeka umsebenzi wakhe engcupheni. 

Ngemuva kokuboleka u-R500 000 kumashonisa onesihluku, uZobo ukuze akhave isikweletu, impilo kaMpho yaqala yaba muncu. 

UZobo wafuna inzalo engu-25% ngale mali yakhe, okwenze uMpho angcine engasakwazi ukuqhubeka nokukhokha.

UZobo wabe esemhlasela, emkhumbuza ukuthi ufuna imali yakhe, wamshiya elimele kanzima. 

UMpho ube eseqhamuka neqhinga lokusombulula le nkinga yakhe — washisa umuzi wakhe ukuze afune imali yomshwalense ukuze akhokhe isikweletu sakhe. 

Wasebenzisana noYster ukuba ashise lo muzi wakhe futhi nomshwalense awangahlupha, wamkhokhela. 

Naye wabe eseqeda isikweletu sakhe kuZobo. Pho inkinga ikuphi? 

Izinkinga zakhe azigcinanga lapho. UZobo washeshe wathola ukuthi uMpho uyabandakanyeka ekushisweni komuzi wakhe esebenzisa uYster. 

Manje, uZobo usebenzisa lolu lwazi ukuphoqa uMpho ukuthi afihle ubufakazi bobugebengu bakhe. 

UMpho, oyiphoyisa elithembekile, ubanjwe la emncane khona yileli qili elinguZobo.

Khonamanjalo, impi yombango wezindawo zokudayisa izidakamizwa eqhubekayo phakathi kwamaRussians namaJudges iyashuba. 

UTau Mogale, intombi yakhe u-Ayanda, nembangi yakhe uJack Mabaso, bonke bangene shi kulolu dweshu olunodlame. 

AmaRussians azimisele ngokutshala amabhomu ematekisini ukuze alawule le mboni enenzuzo enhle.

Njengoba isimo sishuba, isimo sikaMpho siya ngokuya siba bucayi, futhi nemiphumela eyingozi yesenzo sakhe ingase icekele phansi konke akuthandayo.