EzintshaOsaziwayo

UNomzamo nomzamo wokufukula abesifazane kuleli

Njengoba bekugujwa inyanga yabesifazane, uNomzamo uhlele i-EmpoweringHer Summit 2024. 

Lo mcimbi uhlose ukuhlomisa nokufukula abesifazane eNingizimu Afrika yonkana.

Ihlelelwe uSepthemba 14, 2024, kanti le ngqungquthela izoba se-Inanda Club eSandton. Ixhaswe yi-African Bank neHollywood Foundation, futhi lolu suku luzoba nezifundo ezehlukene nomcimbi ohlonishwayo wemiklomelo yosomabhizinisi. 

Lo mcimbi uzohlonipha abaholo nosomabhizinisi besifazane ngempumelelo yabo encomekayo.

Abahambele umcimbi bangalindela izingxoxo ezakhayo, amathuba abalulekile okuhlangana nasebephumelele, nezinkulumo ezakhayo. 

INomzamo Lighthouse Foundation yaziwa ngokweseka intsha nabesifazane, futhi le ngqungquthela iqhubekisela phambili lowo mbono. 

Ochwepheshe bemboni bazobe bekhona ukuze babelane ngolwazi, basize isizukulwane esisha sifinyelele empumelelweni.

Kulo mcimbi kuzobe kunandisa uZoe Modiga, uDJ Lerato Kganyago, neBlack Motion. UMphathi womcimbi, u-Ayanda MaNgubane Borotho, nguye ozone eqinisekisa ukuhamba kahle kwezinhelo zosuku. 

Engxoxweni yakamuva, uNomzamo ugcizelele ukubaluleka kwale ngqungquthela. 

Ukholelwa ukuthi kunikeza abesifazane ithuba lokufinyelela ezindaweni okungenzeka bangazifinyeleli ngenye indlela. 

“Sihlala sifuna ulwazi namakhono ukuze sithuthuke futhi sithole izixazululo,” usho kanje.

I-EmpoweringHer Summit 2024 ithembisa ukuba yisikhathi esibalulekile sokufukula abesifazane eNingizimu Afrika.