EzintshaOsaziwayo

U-Bra Kop waziqhatha nomndeni ngokushada 

Owayengumlingisi kwiRhythm City, uSetlhabi Taunyane, owaziwa ngelika “Bra Kop,” usephumele obala ngempilo yomndeni wakhe. 

Ekhuluma kwiPodcast kaKing David (David Mashabela weRadio 2000), uTaunyane uveze ukuthi umndeni wahlehlelwa kanjani umndeni.

Uthi izinkinga zakhe nabomndeni zaqala mhla eshada intokazi yaseZimbabwe, okuze kube manje abakaze abomndeni bamamukele. 

Uveze ukuthi lokhu kushiywa ngaphandle kumthinte kakhulu yena nomndeni wakhe. 

“Sihlukumezekile ngoba ungowaseZimbabwe. Umndeni wami awukaze umamukele ngempela,” kusho yena. 

UTaunyane, oseshade iminyaka engu-17, uchaze ukuthi bavame ukushiywa ngaphandle emicimbini yomndeni. 

“Ngisanda kuzwa ukuthi omunye umzala wami eDiepkloof ubeshada emasontweni amabili edlule, akekho owangazisa,” kuqhuba yena.

Lo mlingisi uzwakalise ubuhlungu bakhe ngokuphathwa njengomuntu wangaphandle ngenxa yobuzwe bomkakhe. 

“Akukashintshi ngoba ngishade nekwerekwere (igama lendelo lokuchaza abangaphandle),” kwengeza yena. 

Yize kunezingqinamba uTaunyane usefunde ukubhekana nalesi simo. 

“Uma usulahliwe wumndeni, le nto iyakhula, nangaphandle komndeni,” kuphetha yena.