Kuvela iqiniso ngendlu ebhidlizwe umlingisi ephakathi
Umlingisi osewine izindondo, uGcina Mkhize uthi uzizwa engaphephile yena nezingane zakhe kulandela umbango wendlu abahlala kuyo.
Umnikazi womuzi ahlala kuwo, uDzivhu Tevin Mashila, ukhiphe amafasitela bephakathi njengoba ethi uyilungisa kabusha indlu yakhe.
Ingxabano iqale ngemuva kokuthi uDzivhu kusolakala ukuthi wathenga umuzi endalini, kulandela ukuthi uGcina ehlulekile ukuyikhokhela.
UGcina nezingane zakhe sebenezinyanga eziyisishagalolunye behlala kulo muzi yize sewudayisiwe kungasewona owabo.
Uveze ezinkundleni zokuxhumana ngendlela azizwa engaphephile ngayo.
“Ngilala ngingalele ngizibuza ukuthi kungenzekani. Noma ubani angangena ekamelweni lami,” kusho yena.
Uphinde waveza ukuthi badonsa kanzima ngokwezimali.
“Sidinga usizo. Angisebenzi, ngingumama ongayedwana, futhi asinakho nokudla.
“Ugesi wethu ucinywe yilo mfokazi,” kwengeza lo mlingisi odume kakhulu kwiSibaya.
UDzivhu utshele iZiMoja ukuthi umuzi uwuthenge ngokusemthethweni futhi usezamile ukuthi uGcina aphume.
“Ngamnika ithuba lokuqasha, akhokhe u-R12 000 ngenyanga. Wavuma kodwa wabuye washintsha umqondo,” usho kanje.
UDzivhu uchaze ukuthi uqale ukulungisa ngokukhipha amafasitela ngoba indlu idinga ukulungiswa.
“Ngifuna ukulungisa indlu, kodwa yena wanqaba ukuphuma.” Ubalule nezinye izigameko ezingajwayelekile.
“Ufike nesangoma nomphrofethi wakhe ukuthi benze izinto ezithusayo endlini.
“Abanye abaqashi bayesaba manje,” kusho uDzivhu.
Ukholelwa ukuthi uGcina uzama ukuthola uzwelo emphakathini ngezindleko zakhe.
FUNDA NALA: UNomzamo nomzamo wokufukula abesifazane kuleli
“Akukuhle lokhu akwenzayo,” kuphetha uDzivhu.