EzemisakazoEzintsha

Uyadlondlobala eGoli uPenny Ntuli wodumo luka-R2 500

Selokhu athuthela eGoli uPenny Ntuli udlondlobala ngendlela encomekayo endimeni yezikaqedisizungu. 

Manje useshayela uhlelo olungena ngo-9 ekuseni kuya ku-12 emini kwiJozi FM, okuyisiteshi somphakathi sesifunda. 

Selokhu efikile kulo msakazo, inani labalaleli bawo linyuke ngendlela encomekayo.

UPenny ushiye iGagasi FM eThekwini ngaphansi kwezimo ezinzima. 

Wenqaba ukuvuselela inkontileka yakhe ngenxa yeholo elincane lika-R2 500 abaphath ababenqaba ukulikhuphula.

Nokho lokhu kuxabana kwakhe neGagasi okwaba ngundaba mlonyeni ngasekuqaleni konyaka kwamvulela amathuba amasha.

Yize kunezinselelo, useqhuba kahle eGoli futhi kubukeka esazokhula kakhulu.

Ngaphandle komsebenzi wakhe emsakazweni, uPenny uphinde abe yinxusa leDisoufeng, indawo edumile yokudla nomculo yaseSoweto. 

Isikhathi esiningi usichitha lapho, exhumana nezihambeni zakhona imvamisa yazo okungomntakabani. 

Le ntokazi, eneminyaka engu-27, izalelwe eMlazi, eThekwini, kanti ithi inesifiso sokuya kude endimeni yezobumnandi. 

Usanda kunqoba indondo yeBest Radio Personality kumaShining Star Africa Awards 2024.

Muva nje, uqokwe kumaSouth African Traditional Music Awards (Satma) ka-2024 emkhakheni weBest Traditional Social Media Influencer. 

“Bomzala, sesiphinde saqokwa kumaSatma Awards ka-2024,” ubhale kanje ngokuziqhenya ezinkundleni zokuxhumana.